Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uvele enkantolo ‘uthisha’ osolwa ngokushutheka ingane ena-7 iminwe

Uvele enkantolo ‘uthisha’ osolwa ngokushutheka ingane ena-7 iminwe

by | 24 August 2025

UVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu umlisa ongumsizi wothisha (assistant teacher) osolwa ngokunukubeza ngokocansi ingane eneminyaka ewu-7, maqede wacela ukuhlawula unina.

Lona wesilisa waseMayville, ILANGA elinalo igama lakhe, kubikwa ukuthi wenze lesi sigameko ngeSonto eledlule kanti kuthe uma esebona ukuthi usebanjiwe, wacela ukukhokhela unina wengane ukuze engamvuleli icala.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke endlini yakhe lona wesilisa ngesikhabi ebiza isisulu ebesidlala nezinye izingane. Ngokuthola kwaleli phephandaba, isisulu nonina bebevakashele isihlobo eMeyville, ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Kuthiwa ingane iyishutheke umunwe esithweni sangasese kanti ikwazile ukubaleka, yayobika ngalokhu. Umsolwa ube esekhalelwa ngamasongo kasiGonyela. Kulindeleke ukuba abuyele enkantolo zingu-27 kuyona le nyanga ukuyofaka isicelo sebheyili.

Ekhuluma naleli phephandaba unina wengane, ongeke adalulwe ukuyivikela, uthe namanje ondodakazi yakhe kayikho esimweni esikahle selokhu kwenzeke lesi sigameko.

“Izingane zibe seziyodlala ngaphandle kanti uma zisho, lona wesilisa uzibizele endlini yakhe nezinye ebidlala nazo ingane. Lezi ezinye zabafana ube esezinika mali, wazitshela ukuthi mazihambe ziyothenga esitolo.

“Lena eyami ube eseyinikeza umakhalekhukhwini wakhe wathi ayibuke wona. Ingane iwuthathile, yabukela i-movie abeyifakele yona kumakhalekhukhwini, wabe eseyigona. Ngokusho kwengane, kungaleso sikhathi eyifake khona umunwe esithweni sangasese.

“Uqhubekile wakwenza lokhu ingane yabe isigxuma yabaleka. Ifike endlini yangibikela ngokwenzekile. Sihambile saya endlini yakhe, ngabe sekumubuza ukuthi uyenzeni ingane yami. Uqale waphika, ngabe sengiphumela ngaphandle, ngasheyela amaphoyisa.

“Uzwile ukuthi ngishayela amaphoyisa’ wabe esephuma ebaleka. Kuhambe isikhathi kwabe sekufika umzala wakhe ephethe ucingo, engitshela ukuthi umsolwa ufuna ukukhuluma nami. Ngithathe inombolo yakhe ngamshayela ucingo. Ube esexolisa ngento ayenzile, wangitshela ukuthi ucale ukungikhokhela ngale nto ukuze ngingalivuli icala,” kusho yena.

Uqhube wathi ube eseyolivula icala emaphoyiseni, kanti ngoMsombuluko amaphoyisa ayile esikoleni kodwa angamthola.

“Amaphoyisa aze amthola endlini uyakhe, wabe eseboshwa. Esikutholile ukuthi ungowaseMnambithi kanti nakhona uhambe enze into ethi ayifane nalena,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt -Col Paul Magwaza uthe kuvulwe icala lokunukubeza ngokocansi kanti ukhona umsolwa oneminyaka engu-29 oboshiwe.

Ezisematheni

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo...

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27,...