
UBEHLALE ekubukela kude ukucula usaziwayo odume ngokudansa uBontle Modiselle onqobe ohlelweni lukamabonakude iThe Masked Singer Singer olukhonjiswa kwi-SABC 2 ngoMgqibelo.
UBontle obecula ezihle nge-mask yenja kulolu hlelo unqobe kulona eseqhudelana nobhululu wakhe uMzi Robot Boi Mbuli obezifihle nge-mask kamaskito.
Ohlelweni lwangoMgqibelo bese kusele abane kulo hlelo okunguKhanyi Mbau obezifihle ngama-Chops Stiks noJudith Sephuma obezifihle ngeGogga.
Echaza ngemuva kokunqoba kwakhe uBontle uthe ukuthokozele ukuba ingxenye yalolu hlelo futhi kuningi akufundile ngaye nangekhono lakhe lokucula.

Uthe nakuba ebazi ukuthi uyakwazi ukucula kodwa bekuyinto abeyibukela kude kunaye ngoba ebesanokusaba.
Uthe ukuthola izincomo ngekhono lakhe lokucula kumnikeza ugqozi lokuthi kungenzeka ayibheke ngenye indlela eyokungena kwakhe kulo mkhakha.
“Ngemuva kokunqoba nokuthola lezi zincomo kungenzeka ngiqale ngiyibhekisise le yokucula. Kungenzeka kube khona engiqhamuka nakho kungekudala,” kusho lo saziwayo.
Uthe okube seqhulwini ngokuba kulolu hlelo wukuthi abe yisifundo kwintombazane esencane ezenyezayo nokungazethembi. “Ngifisa leyo ntombazane ibukele kimina ngenhloso yokuthi ibuyelwe wukuzethemba,” esho.
NgoMgqibelo lufinyelele kowamanqamu lolu hlelo njengoba bekuphela isizini yesithathu yalo.
U-Anele Mdoda ongumdidiyeli walolu hlelo uthe bakuthokozele ukukhiqiza le sizini futhi okumjabulise kakhulu wuhlobo losaziwayo abavelile kulona.
Uthe osaziwayo abavele kule sizini batholakala emikhakheni eyahlukene kodwa okumqoka ngabo wukuthi bavelele kuleyo mkhakha.
U-Anele uncome amajaji alolu hlelo okunguSomizi Mhlongo, J Something, Sithelo Shozi noSkhumba Hlophe.







