Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Uxoshwe ngo-WhatsApp umgadli weleBetway Premiership

Uxoshwe ngo-WhatsApp umgadli weleBetway Premiership

by | 14 July 2025

UXOSHWE ngoWhatsApp umgadli osize iDurban City ukuba inyukele kwiBetway Premiership.

ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi uRuzaigh Gamildien (36) obengumgadli weCity ukhonjwe indlela ngoWhatsApp kule kilabhu.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “UGamildien akasekho kwiDurban City, uxoshiwe, njengamanje umatasa uthungatha umsebenzi. Akhona amakilabhu aseqalile ukumuthinta ikakhulukazi kwiMotsepe Foundation Championship.”

UGamildien ushaye amagoli awu-6 amqoka njengoba ewinise le kilabhu emidlalweni ebinzima ukuze inyukele kwiPremiership.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...