Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Sekumi ngomumo ngemidlalo yeSafa Phoenix Youth Cup

Sekumi ngomumo ngemidlalo yeSafa Phoenix Youth Cup

by | 28 October 2026

SEKUMI ngomumo ngemidlalo yeSafa Phoenix Youth Cup exhaswe ngusomabhizinisi odumile uRoy Moodley osenesikhathi eside ekwezemidlalo esifundazweni kubalwa noxhaso alufake kwiSafa eThekwini Cup emasontweni edlule.

Lo mqhudelwano iSafa Phoenix Youth Cup uzokuba ngoMgqibelo e-Saccharine Sportsfield, ePhoenix. Kuzokube kugadulisana izingane ezineminyaka ewu-6 kuya phezulu kanti ngumqhudelwano wokuqala nonyaka.

Ngaphambi kokuba kuqale lo mqhudelwano lo somabhizinisi ulungise inkundla iWoodview Sportsfield ngamali elinganiselwa ku-R1.5million kanti usanda kuxhasa ngo-R2million iSafa eThekwini kumqhudelwano obuzizwa ngegama lakhe lo somabhizinisi oke wamataniswa nokuthenga iRoyal AM kaShauwn Mkhize.

URoy Moodley we-African Movement Congress (AMC), uthe kumqoka ukufaka imali kwintsha. Uthe kuzodlalaamakilabhu angaphansi kweSafa Phoenix Youth Cup.

Ukutshala imali ezinganeni zethu, kunikeza n amathuba, ukuzigcina zimatasa futhi ukuzisiza ngekusasa eliqhakazile,” kusho uReddy.

Ukuxhasa kwakhe umqhudelwano wasePhoenix kuzosiza ukuthuthukisa amakhono entsha kwibhola, zithole ulwazi lokuncintisana, zakhe ukuzethemba, zifunde ukuziphatha kahle nokusebenzisana njengeqembu.

Banikezwa ithemba, inhloso, ukuchayeka kanye nethuba lokuthola lokho abangakuzuza ngokuzinikela nokusebenza kanzima.
Isasasa lasenkundleni, ukuhalalisela okuvela eceleni kanye nenjabulo ebusweni bezingane kukhombisa ukubaluleka kwangempela kwebhola lasemazingeni aphansi.

Kudluliselwe ukubonga okukhethekile kwiWoodview United FC ezogadulisana nekhethelo lasePhoenix.

Ukwesekwa kwabo, kanye nokuphana kwabaxhasi bomqhudelwano nokuzinikela kwabahleli, kuqinisekise ukuthi abadlali bebhola abasebancane bajabulela isipiliyoni esingasoze salibaleka. Indlela eya kowamanqamu amakhulu.

Isasasa liyakhula ngokufinyelela kumanqamu amakhulu e-AMC. I-Roy Moodley Legacy SAFA Phoenix Youth Cup 2026, ezokuba ngoMgqibelo.

Kuzokube kugadulisana amaqembu awu-26 ezigabeni ezingu-13.

Lo mqhudelwano usondela esiphethweni sawo esikhulu, umyalezo ucacile, ukutshala imali kwintsha kuwukutshala ekusaseni lemiphakathi yethu.

Ngombono we-AMC.

U-Roy Moodley, ukuzibophezela kwi-Safa Phoenix ukweseka njengosomabhizinisi wendawo naba bambe iqhaza kunobhutshuzwayo, nabadlali abasebancane abanikezwe amathuba okukhula, ukwenza kahle futhi bezokwazi ukufinyelela amaphupho abo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...