Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Lubuya nomethuli omusha uhlelo lwezimfihlo kwi-TV

Lubuya nomethuli omusha uhlelo lwezimfihlo kwi-TV

by | 8 January 2025

LUBUYA nomethuli omusha uhlelo lukamabonakude lokuvundulula izimfihlo iBig Secret olukhonjiswa kwiSABC 1 okulindeleke ukuthi luqale ukukhonjiswa ngoLwesibili mhla ka-14 kwephezulu 2025.

Lolu olukhuza ibuya kwisizini yesithathu selizokwethulwa nguPenny Lebyane njengoba laqala lethulwa nguMasechaba Ndlovu okuthe ngesizini yesibili lathulwa iyona le ntokazi isizibiza ngoMasechaba Khumalo.

Kulindele isizini yesithathu ishube njengoba iqukethe izimfihlo ezishaqisayo okumele abantu baphumele obala nazo.

Kwesinye seziqephu owesifazane uphumela obala ngokulala nosbali wakhe njengoba esenezinyanga ezimbili ezithwele.

Ziningi nezinye izimfihlo okulindeleke ukuba zivele ezizoshaqisa ababukeli kulolu hlelo.

Ezisematheni

UMalema uphika eyokwazana noCat Matlala

UMalema uphika eyokwazana noCat Matlala

UMENGAMELI we-Economic Freedom Front (EFF), uMnu Julius Malema, uyaziqhelelanisa noMnu Vusumuzi "Cat" Matlala, ogqunywe eKgosi Mampuru Correctional Centre, ePretoria, ngecala lokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe. UMatlala, othola amathenda ezigidi kuHulumeni, igama...

I-EFF inqobe i-ward yangakubo kaMalema

I-EFF inqobe i-ward yangakubo kaMalema

I-EFF inqobe ukhetho lokuchibiyela obelushubile ku-ward 13 eSeshego, ePolokwane. Le ward ibivele ingaphansi kwalo leli qembu. Kule ward, okuvela kuyo umholi waleli qembu uMnu Julius Malema, i-EFF ibifolose ngoMnu Michael Ramaphoko, njengekhansela layo. Ngokombiko...

USibiya uthi uyakwemukela ukuqokwa kwekhomishini yophenyo

USibiya uthi uyakwemukela ukuqokwa kwekhomishini yophenyo

IPHINI likakhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uJenene Shadrack Sibiya lithi liyakwemukela ukuqokwa kwekhomishini ezophenya ngezinsolo zenkohlakalo embuthweni wamaphoyisa. NgeSonto uMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ikhomishini yophenyo ezophenya ngezinsolo zikaLt-Gen...