Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

by | 23 September 2026

UPHIKO lwamaphoyisa iProvincial and Crime Unit lugasele emzimi kangqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu lwayophenya umuzi wakhe okwaZulu-Natal kwathathwa nomakhalekhukhwini.

Amaphoyisa kuthiwa afike nencwadi egunyaza ukuthi kuseshwe umuzi wakhe ayinikwe iNkantolo eNkulu yaseGoli. UMchunu usolwa ngokusebenzisana nezigebengu, okuyinto ayiphikayo.

Lesi sigameko siqinisekiswe ngokhulumela amaPhoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda. Uthe ukuphenywa kwakhe kunguhlelo olujwayelekile lapho amaphoyisa esuke ethole incwadi enkantolo ukuthi kuyophenywa umuntu.

“Uphenyo luyingxenye yamacala avulwa ngo-2025 esiteshini samaphoyisa iDurban Central, lapho uMchunu esolwa khona ngenkohlakalalo kwamanye awo,” esho.

Okhulumela uMchunu, uMnu Sthembiso Mshengu ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa athethe nomakhalekhukhwini wakhe one-IMEI number ebibhalwe encwadini egunyazwa ukuphenywa komuzi wakhe.

Uthe njengomuntu owuhloniphayo umthetho uMchunu uzinikele yena amaphoyisa umakhalekhikhwini wakhe ngokulandela umyalelo wenkantolo ebigunyaza ukuthi uthathwe.

Ngokusho kukaMshengu bese kungokwesibili kuphenywa uMchunu ngalolu hlobo njengoba nasekuqaleni kwenzeka kodwa izinto ezathathwa ophenyweni lokuqala azikakabuyiswa. Lezi zindaba uthe uMchunu uzokhuluma ngazo emasontweni azayo.

Ezisematheni

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni. Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu...

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...