Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Ingcindezi kungqongqoshe wezeMpilo eKZN

Ingcindezi kungqongqoshe wezeMpilo eKZN

by | 21 February 2025

IQEMBU i-Action SA KwaZulu-Natal, lithi lifuna iKhomishana yamaLungelo abaNtu (Human Rights Commission), ingenelele ezinkingeni ezikhungethe uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal. Ekuqaleni kwesonto, iKomidi lezeMpilo esiShayamthetho saseKZN, libize abaphathi boMnyango wezeMpilo, ukuba bazochaza ngokuthi zidalwa yini izinkinga ezilokhu zibikwa ezibhedlela zaKwaZulu-Natal.


USihlalo wekomidi u-IMraam Keeka, uthi abagculisekanga ngezimpendulo abazinikwe yizikhulu zoMnyango. Uthi zithe abajutshwe ukuthi basabalalise imithi ezibhedlela, yibona ababudedengu ngoba imithi ingafiki ngesikhathi ezikhungweni zezeMpilo zikaHulumeni.


UMholi we-Action SA eKZN, uMnu uZwakele Mncwango, uthi bafuna uNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uNkz Nomagugu Simelane, akhishwe esikhundleni ngoba umsebenzi uyamehlula.


“Simbhalele incwadi uNgqongqoshe uSimelane siyi-Action SA yase-KZN, ngomhlaka 2 kuNhlolanja (Febraury), sicela ukuhamba naye siyomkhombisa izimo ezingagculisi ezibhedlela zesifundazwe. Wenqabile ukuhamba nathi, sazungeza izibhedlela ezifundeni iZululand, iKing Cetshwayo, neLembe. Isimo asisihle neze ezibhedlela zikaHulumeni. Into efike isiphathe kabi, uma sikhuluma naye uNgqongqoshe simkhuza, ufaka ipolitiki phakathi. Kumanje nje into esiyitholile ukuthi zonke izikhundla ezingumgogodla ezibhedlela abekho abantu abaqashwe ngokugcwele, iningi libambile.


“NgoLwesihlanu, uNgqongqoshe uSimelane, uhlela ukuya esibhedlela eBenedictine, KwaNongoma, uyohlola isimo. Uya kulesiya sibhedlela nje, thina sesibuya khona, ayikho imithi. Sizwile ngandlebenye ukuthi sekukhishwe itruck, ezohambisa imithi njengoba ezofika nabeziNdaba, kube sengathi isimo singesejwayelekile eBenedictine. Esibhedlela iKing Dinuzulu, eThekwini Region, kunesalukazi esiphindiselwe emuva siyokhipha izinyo, kwathiwa imijovo ayikho” kusho uMncwango.


Uthi uyakhuluma nezinyunyana nabasebenzi basezikhungweni zezeMpilo bakhale ngokuthi iziguli zifuna ukubashaya, ngoba zifuna ukwelashwa nokunikwa imithi, ekubeni nabo bengazi ukuthi imithi bazoyithathaphi njengoba ingekho emashalofini asezibhedlela.


UMnu Keeka, onguSihlalo weKomidi esiShayamthetho, uthi ngokocwaningo lwabo isifunda iLembe yisona esisalele emuva ngokulethelwa izidingonqangi. Esitatimendeni esikhishwe nguNgqongqoshe uSimelane, uthe akethuswa yilokhu okushiwo yi-Action SA, ngeke aze aphume esikhundleni ngezinsolo ezingamampunge.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...