Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ULondie uzokweneka konke ngempilo yakhe ohlelweni lukamabonakude

ULondie uzokweneka konke ngempilo yakhe ohlelweni lukamabonakude

by | 19 May 2026

ABABUKELI bezinhlelo zakumabonakude bazothola ithuba eliyingqayizivele lokwazi ngempilo yangasese kaLondiwe Siphiwokuhle Zulu, owaziwa ngelikaLondie London, ohlelweni olungempilo yakhe kusukela ngoLwesine, mhla ka-21 kuNhlaba (May) ngo-8 ebusuku kuMzansi Magic (DStv Channel 161).

Lolu hlelo olwaziwa ngeleLife with Londie London, luzongena esikhaleni sohlelo obeluthandwa kakhulu uThando Nesithembu. Le ntokazi izokhumbuleka kakhulu ngesikhathi ivela ohlelweni iThe Real Housewives of Durban.

Ohlelweni lwayo ithi izoveza impilo yayo ngqo, hhayi ubukhazikhazi. Ithi kuzovela nabantu abayesekayo empilweni yayo. Le ntokazi ike yabasematheni ngemuva kokusabalala kwesiqephu seThe Real Housewives of Durban, ixabana nomsakazi weGagasi FM, uMinnie Dlamini.

“Lolu hlelo lwehlukile ngoba lugxile kimina, ababukeli bazothola ithuba lokubona mina nezingxenye ezahlukene zempilo yami. Lungami ngqo, kuzovela okuhle nokubi ngempilo yami,” ecacisa nokuthi ukunakwa akasakugqizi qakala.

Uthi kuqala wayenendaba, kepha manje ukufundile ukuthi abantu bayohlezi benemibono. Elandisa ukuthi yini abantu abazoyithola ngempilo yakhe, uthi: “Abantu bazongibona njengomama, indodakazi, usomabhizinisi nezothando. Sebeke bakubona okunye kwakho phambilini, kodwa manje bazothola injula yakho konke.”

ULondie uthi into emenze waqoka ukuthi axoxe ngempilo yakhe, yingoba ubesekulungele lokhu.

“Kuningi okwenzekile empilweni yami, esikhathini esiningi abantu bebebuka ingcosana yakho. Manje senginesiqiniseko sokuthi ngingubani, ngakho-ke kwenze umqondo ukuthi kube yimi oxoxa ngami uqobo,” esho.

Le ntokazi engumculi ithi bekunzima ukudedela abantu bayibone ingekho esimweni esihle ngokomoya.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...