Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ULondie uzokweneka konke ngempilo yakhe ohlelweni lukamabonakude

ULondie uzokweneka konke ngempilo yakhe ohlelweni lukamabonakude

by | 19 May 2026

ABABUKELI bezinhlelo zakumabonakude bazothola ithuba eliyingqayizivele lokwazi ngempilo yangasese kaLondiwe Siphiwokuhle Zulu, owaziwa ngelikaLondie London, ohlelweni olungempilo yakhe kusukela ngoLwesine, mhla ka-21 kuNhlaba (May) ngo-8 ebusuku kuMzansi Magic (DStv Channel 161).

Lolu hlelo olwaziwa ngeleLife with Londie London, luzongena esikhaleni sohlelo obeluthandwa kakhulu uThando Nesithembu. Le ntokazi izokhumbuleka kakhulu ngesikhathi ivela ohlelweni iThe Real Housewives of Durban.

Ohlelweni lwayo ithi izoveza impilo yayo ngqo, hhayi ubukhazikhazi. Ithi kuzovela nabantu abayesekayo empilweni yayo. Le ntokazi ike yabasematheni ngemuva kokusabalala kwesiqephu seThe Real Housewives of Durban, ixabana nomsakazi weGagasi FM, uMinnie Dlamini.

“Lolu hlelo lwehlukile ngoba lugxile kimina, ababukeli bazothola ithuba lokubona mina nezingxenye ezahlukene zempilo yami. Lungami ngqo, kuzovela okuhle nokubi ngempilo yami,” ecacisa nokuthi ukunakwa akasakugqizi qakala.

Uthi kuqala wayenendaba, kepha manje ukufundile ukuthi abantu bayohlezi benemibono. Elandisa ukuthi yini abantu abazoyithola ngempilo yakhe, uthi: “Abantu bazongibona njengomama, indodakazi, usomabhizinisi nezothando. Sebeke bakubona okunye kwakho phambilini, kodwa manje bazothola injula yakho konke.”

ULondie uthi into emenze waqoka ukuthi axoxe ngempilo yakhe, yingoba ubesekulungele lokhu.

“Kuningi okwenzekile empilweni yami, esikhathini esiningi abantu bebebuka ingcosana yakho. Manje senginesiqiniseko sokuthi ngingubani, ngakho-ke kwenze umqondo ukuthi kube yimi oxoxa ngami uqobo,” esho.

Le ntokazi engumculi ithi bekunzima ukudedela abantu bayibone ingekho esimweni esihle ngokomoya.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...