Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kugqugquzelwe intsha isike iphethini kowe-Arrows

Kugqugquzelwe intsha isike iphethini kowe-Arrows

by | 30 September 2026

Amakhansela aseMadlangeni noNgqongqoshe wezemidlalo,ubuciko namasiko eKZN uMnuz Mtomuhle Khawula bebukela imidlalo ebiqhubeka ezinkundleni zasikole sase-Utretcht. : ISITHOMBE SITHUNYELWE

IMeya kaMasipala waseMadlangeni e-Utretcht, uMnuz Mzwakhe Buthelezi, igqugquzele intsha ukuba ibonele kumdlali weLamontville Golden Arrows osuka kule ndawo okungu-Andile Bhunu Booysen ukuba ingene kwezemidlalo.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqhubeka imidlalo ebingeSonto khona e-Utretch ebizwa ngokuthi iMayoral Cup nebihlelwe yilo msipala ebisenkundleni I-Utrech High Sportsfield.
UButhelezi uthe iningi intsha esike iphethini kuBooysen nemubona njengeqhawe layo kwezemidlalo njengoba naye atholakala kuyo le midlalo ehlelwa umasipala.

“Le midlalo iwusizo kakhulu entsheni yakithi ngoba yenza izingane ziphume ebugebengwini ukuze zibe nekusasa eliqhakazile futhi zikwazi ukuzikhethela impilo engcono. Sikhuluma nje baningi abalapha abachazwe ikhono lalo mdlali ozalwa lapha ekhaya kodwa odlalela iLamontville Golden Arrows okunguBooysen. Sifisa bonke bafane naye ngokwemikhakha yemidlalo abangenele kuyo njengoba ubabona nje bemagange ukuba amaqembu abo anqobe izinkomishi ezibekiwe,” kusho uButhelezi.

Kule midlalo intsha ibigadulisana ebholeni likanobhutshuzwayo kanti abanye bebengenele eminye enhlobonhlobo ebihlanganisa abafana namantombazane.

Kuphinde kwahlaluka ukuthi nakuba izikole zivaliwe kodwa izingane beziphume ngobuningi ukuzoba ingxenye yale midlalo.

Abanye bajabulele nokubona umlingisi owayedumile uLuthuli Dlamini obekhona naye nohlale enkundleni kwaze kwayophela imidlalo.

UNgqongqoshe wezeMidlalo KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula uthe le midlalo ibalulekile kakhulu ukucija izingane zisencane ngokwamakhono nokuziqaqa ingqondo.

Uthe nakuba isimo sezimali kuhulumeni singesihle kodwa ngokwabo njengoMnyango benza isiqinisekop sokuba le midlalo iqhubeke ngaphandle kwezinkinga ezikoleni.

“Esikwenzayo ukuthi sisebenza kahle nezinhlaka zemidlalo eziFundeni ezahlukene futhi nesabelo sethu salolu hlobo lwemidlalo asisigcini nje ehhovisi lesifundazwe kodwa sisisabalalisa kuzona zonke iziFunda ukuze zikwazi ukuzenzela izinhlelo ngokwazo nangaphandle kokuphazamiseka. Sithi sidlala sibe singadlali ekutheni sifuna le midlalo iqhubeke njengoba kusuke kuhleliwe,” kusho uKhawula.

Ukusho lokhu nje umdlali odabuka kuyo le ndawo okunguBooysen akaconsi phansi kwabandingi kanti naye wavundululwa kuyo le midlalo eyenziwa emazingeni omasipala.

Ezisematheni

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...

Kuhlangene omame bamaSheshi eThekwini

Kuhlangene omame bamaSheshi eThekwini

UMBUTHO womame beBandla laseSheshi (Anglican Church) ubambe ingqungqutheka yezinsuku ezine Thekwini, eqale ngoLwesine. Le ngqungquthela yalo mbutho owaziwa ngeMothers' Union yethanyelwe yizithunywa ezibalelwa ku-2 000, ezivela ezingxenyeni ezehlukene zezwe, nakwamanye...

Inyuvesi nesifundo ngamagalelo kaShenge

Inyuvesi nesifundo ngamagalelo kaShenge

ISIKHUNGO semfundo ephakeme, iMangosuthu University of Technology (MUT), sihlele isifundo ngempilo nangamagalelo omsunguli waso, iNkosi uMangosuthu Buthelezi (uMntwana waKwaPhindangene). Lesi sifundo esizokuba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre...