Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

by | 13 July 2026

UMENGAMELI weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSteve Mkasi uthi uyazisola kakhulu ngokwenzekile lapho ebonakala kwiVideo elwa nomgijimi, egcwele ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngiyazisola kakhulu ngesenzo sami, sokuzithola ngikulesa simo obekuyinto ebengingayigwema. Ngibe sephutheni elikhulu. Ngiyazisola ngendlela engiziphathe ngayo. Le nto eyenzekile kayihlangene neKZNA, yinto ethinta mina siqu sami. Le nto igcine isidweba isithombe esimbi ngeKZNA okuyinto embi. Ngicela ukucacisa ukuthi iKZNA ayingeni kule nto.

“Ngiyakuqonda ukuthi njengomholi kufanele kube nendlela engiziphatha ngayo. Ngidlulisa ukuxolisa kubo bonke abagijimi, kubantu baKwaZulu-Natal nakubo bonke abathintekayo,” kusho uMkasi.

Uqhube wathi uyathembisa ukuthi isenzo esifunze lesi ngeke sisenzeka. Uphethe ngokuthi bahlanganile nomsubathi, bathelelana amanzi.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...