Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

Uyaxolisa umphathi weKZNA obonakale elwa nomgijimi

by | 13 July 2026

UMENGAMELI weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSteve Mkasi uthi uyazisola kakhulu ngokwenzekile lapho ebonakala kwiVideo elwa nomgijimi, egcwele ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngiyazisola kakhulu ngesenzo sami, sokuzithola ngikulesa simo obekuyinto ebengingayigwema. Ngibe sephutheni elikhulu. Ngiyazisola ngendlela engiziphathe ngayo. Le nto eyenzekile kayihlangene neKZNA, yinto ethinta mina siqu sami. Le nto igcine isidweba isithombe esimbi ngeKZNA okuyinto embi. Ngicela ukucacisa ukuthi iKZNA ayingeni kule nto.

“Ngiyakuqonda ukuthi njengomholi kufanele kube nendlela engiziphatha ngayo. Ngidlulisa ukuxolisa kubo bonke abagijimi, kubantu baKwaZulu-Natal nakubo bonke abathintekayo,” kusho uMkasi.

Uqhube wathi uyathembisa ukuthi isenzo esifunze lesi ngeke sisenzeka. Uphethe ngokuthi bahlanganile nomsubathi, bathelelana amanzi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...