Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uzilengisile obulale unina wengane yakhe ecasulwa wukuthi uye nayo ejoyintini

Uzilengisile obulale unina wengane yakhe ecasulwa wukuthi uye nayo ejoyintini

by | 12 March 2026

UZILENGISILE owesilisa waseMseleni, eMbazwana oshaye, wagwaza unina wengane yakhe washona, ngoba ecasulwa wukuthi uhambe nengane yabo waya ejoyintini.

UMnu Katidso Donald Nkalane okuthiwa ugwaze unina wengane, uNkz Zinhle Jabulile Mthembu, esithweni sangasese, kubikwa ukuthi utholwe ngamalungu omphakathi elenga esihlahleni. Kuthiwa ubecasulwa wukuthi uhambe nengane yabo waya endaweni yokucima ukoma.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngeSonto kule ndawo, kulandela ukuba uNkz Mthembu ehambe nengane yakhe noNkalane, wayophuza. Ngokuthola kweLANGA, lezi zithandani bezihlala ndawonye. Kubikwa ukuthi isidumbu sikaNkz Mthembu, sitholwe sinenqwaba yamanxeba okugwazwa esithweni sangasese. Isidumbu kuthiwa besigcwele imivimbo, okuqinisekisa ukuthi uqale washaywa.

Umthombo okuleya ndawo utshele leli phephandaba ukuthi lona wesilisa kuyasolakala ukuthi umufi umbulale ebusuku ngoMgqibelo, wahlala nesidumbu sakhe njengoba size satholakala ngeSonto ekuseni.

“Kuthe uma esemshayile unina wengane, wabe esemgwaza ephindeleka ngoba ubelimele, enamanxeba. Uthe uhlalile naye ebusuku, kwathi ekuseni ezama ukumvusa, wangavuka. Ube esehamba eyolanda udadewabo (kamufi), eyomcela ukuba amsize, bahambise unina wengane yakhe emtholampilo ngoba engavuki.

“Udadewabo ufike wathola ukuthi useshonile unina wengane. Ube esebiza nomakhelwane ukuba bazombonisa umonakalo. Kungaleso sikhathi lapho umsolwa enyenye khona, wabaleka, ezitshela ukuthi umphakathi uzomshaya.

“Kube sekubizwa amaphoyisa, kwaqinisekiswa ukuthi (uNkz Mthembu) ushonile. Umphakathi ube usubheka umsolwa, wazithela phezu kwesidumbu sakhe silenga esihlahleni. Usebenzise intambo yesicathulo ngesikhathi ezilengisa, itholakale entanyeni,” kusho umthombo.

UMnu Xolani Zikhali, ongusihlalo wohlaka olubhekelele ukuphepha KwaMhlabuyalingana, uthe bawutholile umbiko ngalesi sigameko. Uthe abakutholile wukuthi indaba isuswe wukuhamba nengane kwalona wesifazane aye ejoyintini nayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMbazwana aphenya icala lokubulala, emuva kokutholakala kowesifazane oneminyaka ewu-38, enamanxeba okugwazwa. Ukuqinisekisile ukuthi umsolwa utholakale ezilengisile esihlahleni. Amaphoyisa avule idokodo ngokufa komuntu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...