Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe abasolwa ababili ngokweba imfuyo

Kuboshwe abasolwa ababili ngokweba imfuyo

by | 24 December 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal abophe abasolwa ababili abasolwa ngokweba imfuyo eBulwer ngesikhathi eqhuba uhlelo lokuphenya olujwayelekile endaweni yasoHlabeni naseSdangeni.

Ngokusho kwamaphoyisa laba basolwa oneminyaka ewu-23 no-31 babanjwe nemfuyo ewu-21 ngokwehlukana.

Athe umsolwa oneminyaka ewu-23 ubanjwe neziklabhu eziwu-9.

Kwesinye isigameko umsolwa oneminyaka ewu-31 ubudala ubanjwe ehambisa iziklabhu eziyishumi kwathi uma amaphoyisa embuza emfuna imininingwane ngazo wahluleka wukuveza amaphepha aqondile ahambisana nokuthutha imfuyo wabe esekhalelwa ngamasongo kaSgonyela.

Kuthe uma amaphoyisa eqhubeka nokumphenya ngemibuzo lo msolwa aphinde athola ukuthi kunezinkomo ezintathu anazo kodwa angenawo amaphepha aqinisekisa ukuthi ngezakhe.

Kulindeleke ukuthi laba basolwa bavele enkantolo maduze.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...