
IVELILE namuhla enkantolo ingoduso esolwa ngokugwaza iphendelela umkhwenya wayo, icasulwa ukuthi ufike nowesifazane, esigamekweni esenzeke ngoMgqibelo eZinketheni, eMgungundlovu.
UNkz Sne Ndokweni uvele kafushane enkantolo namuhla kulandela ukuba eziyise yena emaphoyiseni njengoba ebefunelwa icala lokubulala uMnu Scelo Mwelase, ongumkhwenyana wakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA libikile ngalolu daba, nalapho kuvele khona ukuthi lona wesifazane ugwaze umufi kubuka nezingane zakhe ezimbili – eneminyaka ewu-10 neneminyaka ewu-14.

Kubikwa ukuthi uNkz Ndokweni ugwaze umufi ummese wabhajwa, wabe esephuma, wabuya nomunye waqhubeka emgwaza ephindelela. Kuthiwa wenze lokhu maqede wakhiyela umufi nezingane endlini, washaya wachitha.
ILANGA lithole ukutho uNkz Ndokweni uzinikele khona namuhla emaphiyiseni, wabe esehanjiswa enkantolo ukuyobingelela kanti uzobuyela khona maduze.







