Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uzinikele osolwa ngokubulala umyeni kubuka izingane

Uzinikele osolwa ngokubulala umyeni kubuka izingane

by | 10 December 2025

IVELILE namuhla enkantolo ingoduso esolwa ngokugwaza iphendelela umkhwenya wayo, icasulwa ukuthi ufike nowesifazane, esigamekweni esenzeke ngoMgqibelo eZinketheni, eMgungundlovu.

UNkz Sne Ndokweni uvele kafushane enkantolo namuhla kulandela ukuba eziyise yena emaphoyiseni njengoba ebefunelwa icala lokubulala uMnu Scelo Mwelase, ongumkhwenyana wakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA libikile ngalolu daba, nalapho kuvele khona ukuthi lona wesifazane ugwaze umufi kubuka nezingane zakhe ezimbili – eneminyaka ewu-10 neneminyaka ewu-14.

NGUMUFI uMnu Scelo Mwelase.

Kubikwa ukuthi uNkz Ndokweni ugwaze umufi ummese wabhajwa, wabe esephuma, wabuya nomunye waqhubeka emgwaza ephindelela. Kuthiwa wenze lokhu maqede wakhiyela umufi nezingane endlini, washaya wachitha.

ILANGA lithole ukutho uNkz Ndokweni uzinikele khona namuhla emaphiyiseni, wabe esehanjiswa enkantolo ukuyobingelela kanti uzobuyela khona maduze.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...