Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UZuma umise emsebenzini iphini lakhe kwiMK Party

UZuma umise emsebenzini iphini lakhe kwiMK Party

by | 6 November 2025

NGUMENGAMELI weMK Party uMnu Jacob Zuma, bephini lakhe uDkt John Hlophe.

EBUYA nje eBurkina Faso ngoLwesithathu ebusuku, uMengameli weMK Party, uMnu Jacob Zuma, umise iphini lakhe, uDkt John Mandlakayise Hlophe esikhundleni.

UHlophe umisiwe nasekubeni ngumholi weMKP ePhalamende, kuze kube kuphothulwa uphenyo ngaye. Ophethe ehhovisini likaMengameli weMKP, uMnu Magasela Mzobe, uthi uHlophe umiswe ngoba ngoLwesibili, wakhipha uNkz Colleen Makhubele, esikhundleni sokuba nguSotswebhu omkhulu weMKP, ePhalamende.

Kulesi sikhundla kufungiswa uMnu Des van Rooyen. Lokhu kuthiwa kwenzeke uNkz Makhubele engaphandle kwezwe, utshelwe ngeWhatsApp ukuthi ibhantshi seligcwale umoya kuyena.

“Isinqumo esithathwe nguZuma, sithe uHlophe makame ezikhundleni zakhe eqenjini, futhi noVan Rooyen, angaqhubeki nokuba ngoSotswebhu omkhulu, njengoba ukukhishwa kukaComrade Makhubele, kungabanga yisinqumo esithathwe wubuholi beMKP buhlanganyele. UMakhubele uzoqhubeka nokuba nguSotswebhu omkhulu weqembu ePhalamende,” kusho uMzobe.

Abahlaziyi bepolitiki bakhala ngobuholi beMKP, obuphekwa buthululwa. UMakhubele ungene esikhundleni okwakhishwa kuso uMnu Mzwanele Manyi, noNobhala-Jikelele weMKP uwangena enconywa ngamagalelo akhe, uMnu Floyd Shivambu, wakhishwa kungazelele muntu.

Ohola uphiko lwebesifazane lweMKP, uNkk Mabel Rweqana, kuthiwa ubhale incwadi eputshuke kwabezindaba, ekhala “ngondlovukayiphiswa” eqenjini, nangezinhlaka ezihluleka ukusebenzisana.

Incwadi uyibhale wayiqondisa kuMkhulumeli weMKP, uMnu Nhlamulo Ndhlela. UMzobe akacacisanga ngezinhlelo zokuqondisa uDkt Hlophe ubugwegwe, njengoba kulindeleke ukuthi anikwe ithuba lokuziphendulela.

Akushilo nje wukuthi isinyathelo sikaMsholozi sokumisa uHlophe, sikhombise ukuthi iMKP, ikholelwa ekutheni abaholi kabathathi izinqumo ngabodwana.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...