Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzishaya isifuba ngesithembu sakhe ona-104

Uzishaya isifuba ngesithembu sakhe ona-104

by | 19 March 2025

UZISHAYA isifuba ngesithembu sakhe uMnu Bekayiphi Sikhakhane (104) waseMhlathuzana, eShowe. USikhakhane uganwe yizelamani zakwaBiyela, uNkk Phethengani Sikhakhane (91) noNkk Baqhamile Sikhakhane (80).

ILANGA lihambele umndeni wakwaSikhakhane, laxoxa noSikhakhane namakhosikazi akhe, namanye amalungu omndeni okubalwa kuwona noNkk Dolly Biyela (uMaSikhakhane) oneminyaka owu-106.

USikhakhane uthi uhleli kahle kakhulu nesithembu sakhe. Uveze ukuthi phambilini wayenamakhosikazi amathathu, kwathi ngo-1999 wehlelwa yifu elimnyama, washiywa ngunkosikazi wakhe omdala uNkk Mdaneni Sikhakhane (uMaSibiya).

Uthi kusukela emathathu amakhosikazi akhe, wayewaphatha ngokulinganayo. ILANGA lizamile ukuthola kuyena ukuthi yini ayisebenzisayo ukuze kuhlale kuheleza umoya wothando emndenini wakhe.

“Singabantu abamnyama sinezindlela ezahlukene zokwenza izinto. Yileyo naleyo ndoda inendlela yayo yokwenza izinto. Mina ngibonisa uthando emakhosikazini ami nezingane zami. Nginenhlanhla yokuthi nazo ziyangithanda izingane zami,” esho.

Echaza ngokukhula kwakhe aze afike kule minyaka, uthe inhlonipho yiyona ewukhiye wempilo yomuntu.

“Mina kangifundanga ngoba ubaba ongizalayo wayengathandi ukuthi sifunde. Ubaba wayethi sizofunda ubugebengu, amantombazane ethi azofunda ukuthanda amadoda amaningi. Uyedwa owagcina efunda, kwaba ngudadewethu omncane. Naye wafakwa esikoleni ngoba sekushone ubaba.

“Inhlonipho ibalulekile. Nathi silapha esikhona nje, yingoba sasebenzisa inhlonipho kusukela ekukhuleni kwethu. Mina ngisebenzele abelungu impilo yami yonke.

“Ngaqala ukusebenza ejalidini khona lapha eShowe, kwaze kwaba ngiqashwa kwenye ifemu yaseThekwini, lapho ngisebenze iminyaka ewu-42 ngingunogada kuyona,” kuchaza uSikhakhane.

UNkk Biyela usho okufanayo nokukaSikhakhane. Naye ubalule ukuthi inhlonipho yiyona ebalulekile.

“Nakho ukungayi kwethu esikoleni kwenzeka ngoba silalela obaba abasizalayo. Ngenhlanhla-ke mina ngasizwa wukuthi ekukhuleni kwami ngazithathela isinqumo sokukholwa,” kusho yena.

USikhakhane uthi wabusiswa ngezingane eziwu 12, kwashona eyodwa. Uthi unenqwaba yabazukulu nesizukulwane.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...