Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuzodilizwa izakhiwo ezibekwe phezu kwamapayipi amanzi

Kuzodilizwa izakhiwo ezibekwe phezu kwamapayipi amanzi

by | 25 May 2025

BAZOTHATHELWA izinyathelo zomthetho abanikazi bezitolo abasolwa ngokwephula imithetho ngokubeka izakhiwo phezu kwmapayipi ahambisa amanzi emiphakathini yaseBhambanana namaphethelo.

Lokhu kushiwo wubuholi bomkhandlu waseMkhanyakude ngoLwesihlanu ekuseni.

ILANGA lizithele ethimbeni labaholi balo mkhandlu abe beholwa yiMeya yawo uMnu Sphile Mdaka.

Abaholi balo mkhandlu bebephuma bengena kwezinye zezitolo okuphunywe nekhambi lokuba zidilizwe ngoba zakhiwe phezu kwamapayipi afakwa yilo mkhandlu eminyakeni eyedlule.

Iningi lalezi zakhiwo lakhiwe ngabantu abasebuholini bendawo.

Ngeledlule umphakathi wakule ndawo ubambe omkhulu umbhikisho wokukhononda ngokungabikho kwamanzi kwezinye zezindawo.

Emuva kwalo mbhikisho ithimba lezisebenzi zalo mkhandlu lihambele kule ndawo okuyilapho khona kuthe uma kwenziwa uphenyo kwatholakala ukuthi kunamapayipi amaningi angena emizini yabantu nakwezinye izakhiwo axhunywe ngokungemthetho.

“Kuzwisa ubuhlungu ukuthi kunabantu abaphuma imikhankaso yokubamba imibhikisho bavale imigwaqo ngoba bethi kabawatholi amanzi.

Kuyakhathaza-ke ukuthi namanje kusenabantu abaningi ngalolu hlobo abazixhumela amapayipi ngaphandle kokugunyazwa wumthetho.

Sithathe isinqumo sokuthi kuzofanele zidilizwe zonke lezi zitolo ezakhiwe phezu kwamapayipi omkhandlu.

Sitholile nokuthi indaba eyaziwayo ukuthi elinye lawo lamapayipi liyaye liqhume amanzi aphume ashaye phezulu kuthayela kodwa umphakathi kawukubiki lokho.

Izitolo lezi zizidilizwa ngaphandle kwesinxephezelo ngoba kuyavela ukuthi abanye abanikazi bazo bazibeka benolwazi lokuthi kunamapayipi ahambisa amanzi. Nabo bonke laba abazixhumela amapayipi ngokungemthetho sithathe isinqumo siwakhiphe ngoba zikhona izinhlelo zokuxhuma amanzi ngokusemthethweni,” kusho uMdaka.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....