Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuzodilizwa izakhiwo ezibekwe phezu kwamapayipi amanzi

Kuzodilizwa izakhiwo ezibekwe phezu kwamapayipi amanzi

by | 25 May 2025

BAZOTHATHELWA izinyathelo zomthetho abanikazi bezitolo abasolwa ngokwephula imithetho ngokubeka izakhiwo phezu kwmapayipi ahambisa amanzi emiphakathini yaseBhambanana namaphethelo.

Lokhu kushiwo wubuholi bomkhandlu waseMkhanyakude ngoLwesihlanu ekuseni.

ILANGA lizithele ethimbeni labaholi balo mkhandlu abe beholwa yiMeya yawo uMnu Sphile Mdaka.

Abaholi balo mkhandlu bebephuma bengena kwezinye zezitolo okuphunywe nekhambi lokuba zidilizwe ngoba zakhiwe phezu kwamapayipi afakwa yilo mkhandlu eminyakeni eyedlule.

Iningi lalezi zakhiwo lakhiwe ngabantu abasebuholini bendawo.

Ngeledlule umphakathi wakule ndawo ubambe omkhulu umbhikisho wokukhononda ngokungabikho kwamanzi kwezinye zezindawo.

Emuva kwalo mbhikisho ithimba lezisebenzi zalo mkhandlu lihambele kule ndawo okuyilapho khona kuthe uma kwenziwa uphenyo kwatholakala ukuthi kunamapayipi amaningi angena emizini yabantu nakwezinye izakhiwo axhunywe ngokungemthetho.

“Kuzwisa ubuhlungu ukuthi kunabantu abaphuma imikhankaso yokubamba imibhikisho bavale imigwaqo ngoba bethi kabawatholi amanzi.

Kuyakhathaza-ke ukuthi namanje kusenabantu abaningi ngalolu hlobo abazixhumela amapayipi ngaphandle kokugunyazwa wumthetho.

Sithathe isinqumo sokuthi kuzofanele zidilizwe zonke lezi zitolo ezakhiwe phezu kwamapayipi omkhandlu.

Sitholile nokuthi indaba eyaziwayo ukuthi elinye lawo lamapayipi liyaye liqhume amanzi aphume ashaye phezulu kuthayela kodwa umphakathi kawukubiki lokho.

Izitolo lezi zizidilizwa ngaphandle kwesinxephezelo ngoba kuyavela ukuthi abanye abanikazi bazo bazibeka benolwazi lokuthi kunamapayipi ahambisa amanzi. Nabo bonke laba abazixhumela amapayipi ngokungemthetho sithathe isinqumo siwakhiphe ngoba zikhona izinhlelo zokuxhuma amanzi ngokusemthethweni,” kusho uMdaka.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...