Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Inhlokomo kuphendulwa isoyi lomgwaqo obheke eSandlwana

Inhlokomo kuphendulwa isoyi lomgwaqo obheke eSandlwana

by | 14 March 2025

KUQHUME inhlokomo yenjabulo kuhlatshwa isoyi ngokusemthethweni lokwakhiwa komgwaqo uP372, obheke entabeni iSandlwana, eNquthu.

Lena yintaba enomlando, njengoba kuyilapho AmaZulu anqoba khona amaNgisi empini eyayingonyaka ka-1879. Lo mgwaqo oyibhuqu, ophakathi kweBabanango neNquthu, ungamakhilomitha awu-35. Ukuwakha ube yitiyela uthiwa kuzodla u-R32 million.

Ukwakhiwa kwalo mgwaqo kwethulwe ngokubambosana yiSilo uMisuzulu, uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal neSANRAL. Umcimbi wokuphendulwa kwesoyi ubuhanjelwe yinqwaba abantu okubalwa ubona amabutho, omama besigekle, izintombi, nezinye izicukuthwane.

IZITHOMBE NGU-JOHN HLONGWA

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...