Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Inhlokomo kuphendulwa isoyi lomgwaqo obheke eSandlwana

Inhlokomo kuphendulwa isoyi lomgwaqo obheke eSandlwana

by | 14 March 2025

KUQHUME inhlokomo yenjabulo kuhlatshwa isoyi ngokusemthethweni lokwakhiwa komgwaqo uP372, obheke entabeni iSandlwana, eNquthu.

Lena yintaba enomlando, njengoba kuyilapho AmaZulu anqoba khona amaNgisi empini eyayingonyaka ka-1879. Lo mgwaqo oyibhuqu, ophakathi kweBabanango neNquthu, ungamakhilomitha awu-35. Ukuwakha ube yitiyela uthiwa kuzodla u-R32 million.

Ukwakhiwa kwalo mgwaqo kwethulwe ngokubambosana yiSilo uMisuzulu, uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal neSANRAL. Umcimbi wokuphendulwa kwesoyi ubuhanjelwe yinqwaba abantu okubalwa ubona amabutho, omama besigekle, izintombi, nezinye izicukuthwane.

IZITHOMBE NGU-JOHN HLONGWA

Ezisematheni

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

IQEMBU iNkatha Freedom Party (IFP), kwaZulu-Natal ligxeka isigameko sokushaywa kulinywazwe amalungu aleli qembu amathathu, abekhankasa eZingolweni, kwaNyuswa, kuWard 34. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi amavolontiya e-IFP ekhankasa ngeSonto kule ndawo. Laba abebenza...

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

IMITHI yesintu iyingxenye yempilo yabamnyama. Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi abanye baze bangabaze ukusebenzisa imithi yasentshonalanga, ngenxa yokukholelwa ekutheni isebenza kangcono eyesintu.Kusukela mhla ka-26 kuya kumhla ka-31 August, kusuke kubungazwa...

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

UMENYEZELWE njengozomela iDemocratic Alliance esikhundleni sobumeya eMhlathuze, uRob Bentele (osezithombeni) owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iSurvivor South Africa. UBentele uzakhele udumo ngo-2019 enqoba kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini...