Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uzogadla ngezintsha kwiMpucuzeko uGatsheni

Uzogadla ngezintsha kwiMpucuzeko uGatsheni

by | 7 August 2025


UZOWAZISA ngosuku lweMpucuzeko amabhinca okusebhodweni lakhe umculi kamaskandi oyisilomo, uKhuzani “Gatsheni” Ndlovu.

Lo mculi uthe njengoba sekuya ngasemaphethelweni ukuqoshwa komculo wakhe omusha, uzoqala ukuzwisa abantu kwiMpucuzeko.

Utshele ILANGA ukuthi unethemba lokuthi umsebenzi wakhe wakulo nyana uzojabulisa abathandi bomculo wakhe.

“Nginezingoma eziningi eziqoshiwe ezilindile, ngizobazwisa eyodwa abantu kwiMpucuzeko. Ngiyathembisa ukuthi engiza nakho bazokuthanda kakhulu abalalela umculo, hhayi ngenzondo nemizamo yokufaka inhlabathi ephalishini lami.

“Lana emculweni kunabantu abanesiphiwo sokugxeka umsebenzi wabanye abantu, bese kuba sengathi akuculekanga kahle, kanti kakunjalo,” kusho uGatsheni.

Uthi usezinhlelweni zokukhipha i-Extended Play (EP), hhayi i-albhamu egcwele. Uveze ukuthi ngaphambi kokuba akhiphe izingoma eziningi, uzoqala ngeyodwa ukuze abone ukuthi yamukeleka kanjani kubantu.

“Uma le ngoma ithola indawo ezinhliziyweni zabantu, ngeke ngisazikhipha ezinye izingoma,” esho.

Umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, uzokuba mhla ka-30 kuNcwaba (August) ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini.

Kulo mcimbi kuboshelwe abaculi abaningi okubalwa kubona uStabhilithi, uMzukulu, uThokozani Langa, uKhuzani, uNjoko, uMenzi, uMjolisi, uJaiva Zimnike, iMfezemnyama, uLimit, Amageza Amahle, iNkosi Yamagcokama, iThwasa Lekhansela, uBahubhe, uSminofu, uMashelela, uMroza Fakude, uMfiliseni Magubane, uNtencane, uFalabo, uMdumazi, Imithente, Izingane Zoma, uBuselaphi, iNyonemhlophe, uSaliwa, uNdoni, uMafikizolo, u-Ali Mgube, AmaNND, Amavikelambuso, uDumakahle, uQhosha, uCevuzile, uSkweletu, uMkhulekelwa, uMayogathi, iBhova Elincane, nabanye.

Amathikithi okubuka lo mcimbi abiza u-R150 eComputicket. Awezicukuthwane aqala ku-R950, kanti amatafula abiza kusukela ku-R15 000 kuya ku-R25000 elabantu abayishumi. Amathikithi ezicukuthwane atholakala kule nombolo: 067 202 7790.

Lo mcimbi wesekwa wuMasipala weTheku, yiphephandaba ILANGA noMnyango wezamaSiko nobuCiko KwaZulu-Natal.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...