Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Uzongcwatshwa eNanda obengumsakazi woKhozi FM

Uzongcwatshwa eNanda obengumsakazi woKhozi FM

by | 29 January 2026

UZOFIHLWA eNanda owayengumsakazi woKhozi FM, uMandla Magwaza obedume ngesithakazelo sakhe esithi Njinji kubathandi nabalaleli balo msakazo.

UNjinji udlule emhlabeni ngoMgqibelo ekuseni ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi esifushane. Izindaba zokudlula kwakhe zishaqise abaningi njengoba abangani nalabo abebesondelene naye bekhale ngokuthi kubazumile, bebengazi nokuthi uxinekile.

UNjinji odabuka eJozini kodwa obesezinze eNanda uzofihlwa ngoMgqibelo ngemuva kwenkonzo ezobanjelwa esikoleni samabanga aphansi iTshanyana, eNanda kusukela ngehora leshumi ekuseni. Kulindeleke ukuba le nkonzo ihanjelwe ngabebesondelene nalo msakazi okubalwa ozakwabo ake asebenza nabo oKhozini, nabangani nabalaleli abebemkhonzile ngesikhathi esawumsakazi.

UNjinji uzakhele udumo ngephimbo lakhe kwazise uke waba yiphimbo lalo msakazi isikhathi eside. Ubengomunye wabadidiyeli bomsindo oKhozini. Udidiyele izinhlelo ezahlukene waphinde waba ngumsakazi ezinhlelweni zasemini nolwangezimpelasonto okubalwa ne-Top 20.

Ube ngumethuli wohlelo lukamabonakude Ushuni Womhlaba nokubekulindeleke ukuba akhuze ibuya kulona njengoba kubhekwe ukuthi lukhuze ibuya maduze. UNjinji ushiye ngonyaka owedlule oKhozini ngemuva kokubhekana nohlelo lokuqondiswa ubugwegwe lwangaphakathi.

Namhlanje ngoLwesine kulindeleke ukuba kube nenkonzo yesikhumbuzo yekhethelo ezobanjelwa ezindlini zokusakaza kwa-SABC eThekwini. Kule nkonzo kubhekwe ukuthi ihanjelwe yilabo asebenze nabo ikakhulukazi oKhozini njengoba echithe isikhathi eside esebenzela lo msakazo.

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...