
UBONGA umusa kaNkulunkulu uVuyo Biyela ngokuthola indawo ephambili emdlalweni omusha owuchungechunge ozokhonjiswa kuMzansi Magic Channel 161 kusukela ngomhla ka-1 kuNhlangulana obizwa ngokuthi KwaBaba.
UVuyo ozakhele udumo emidlalweni eyahlukene kumabonakude okubalwa kuyo iSibongile and The Dlaminis, The River, Genesis uthi namanje akakholwa ngokunyelwa inyoni kulo mkhakha wezokulingisa.
“Baqinisile abathi ukuvaleka komunye umnyango kusho ukuvuleka komunye. Nami ngiyabonga ngoba imisebenzi iqhamuke isilandelana ngemuva kokuphela kweSibongile and The Dlaminis,” kusho uVuyo.
Ngemuva kokuphela kweSibongile and The Dlaminis uVuyo ubonakale kwiShaka Ilembe nasemdlalweni weshashalazi obizwa ngokuthi Kingdom of Ubuntu obukhonjiswa eCape Town.
Echaza ngokudlala kulo mdlalo omusha uthe uzobe edlala indawo kaZwelakhe Mkhize okuyindawo yowesilisa othatha izintambo ezicathulweni zikayise ngenhloso yokukhulisa igama lomndeni.
Uthe kulo mdlalo udlala owesilisa ozifela ngoNkululunkulu ohlangabezana nothando kuwona.
“Engingakusho ukuthi ngiyaqala ukudlala indawo ephambili emidlalweni omkhulu kusukela ngangena kulo mkhakha. Bengilokhu ngidlala indawo esondelene nephambili kanti kwiKwaBaba kuzobe kuyimi ophambili nokungenza ngithobeke kakhulu ngaleli thuba,” kusho uVuyo.
Umdlalo iKwaBaba ugabe ngabalingisi okubalwa kubo uRorisang Mohapi-Grootboom, Hlengiwe Lushaba-Madlala, Mpho Molepo, Helen Lebepe, Lindani Nkosi, Nkanyiso Mzimela, Kwanele Mthethwa, Sparky Xulu, Phumzile Mlangeni nabanye. Khona manjalo uVuyo noLindani Nkosi bazobonakala kwifilimu yokuqala ekhiqizwe yisiteshi sikamabonakude iMovie Room Channel 113 ebizwa ngokuthi Thuli’s Doek.
Le filimu kulindeleke ukuthi iqale ukukhonjiswa ngoNcwaba nonyaka kusona lesi siteshi njengoba igabe nangabanye abalingisi abanohlonze okubalwa kubo uLinda Sokhulu, Mbalenhle Mavimbela, Silindile Nodangala, Magic Hlatshwayo nabanye.







