Ilanga News
Home 9 Featured 9 U-principal ubopha uMalema noMbalula kwizinsolo zokudlwengula kwelikaCwecwe

U-principal ubopha uMalema noMbalula kwizinsolo zokudlwengula kwelikaCwecwe

by | 13 June 2025






UBOPHA osopolitiki abathathu okunguJulius Malema, uFikile Mbalula kanye noFundile Gade onguNgqongqoshe weMfundo eEastern Cape, uMnu Jaco Pieterse nguthishanhloko wesikole samabanga aphansi iBergview College, ebesematheni ezinyangeni ezedlule ngemuva kokuvela kwezinsolo zokunukubezwa kwentobazanyana eneminyaka ewu-7, uCwecwe.

UPieterse, ubephelezelwe yithimba labammeli be-Afriforum namuhla ekuseni ngesikhathi eyovulela labosopolitiki amacala okubalwa kuwo elokwehlisa isithunzi, ukusabisa kanye nokuphula umthetho iCybercrime Act esiteshini samaPhoyisa iSophiatown, eGoli. Kuzokhumbuleka ukuthi lothishanhloko waba ngudabuzekwayo ngesikhathi kuthiwa uyenqeba ukunikezela ulibofuzo lwakhe ukuze kuhlolwe ukuthi akathinteki yini ekunukubezweni kuka-Cwecwe.

Kulesi sikhathi yilapho labo sopolitiki abanikela khona emphakathini babeka imibona yabo engahlalanga kahle kulo thishanhloko. Ngenyanga eyedlule inhlangano eyengamele ezokushushisa kuleli I-NPA yaveza ukuthi ngeke iqhubeke nokushushisa leli cala ngoba ubufakazi abenele. Lokhu kwakulandela ukuthi kuphume umbiko owawuhlangula bonke abasolwa ababesolwa ngokunukubeza uCwecwe, kubalwa naye uthishanhloko. Okhulumela iAfriForum uMnu Barry Bateman uthi lesi sinqumo basethathe ngemuva komonakalo odaleke empilweni nasemsebenzini kaPieterse.


“Izwe libi, amacala okudlwengula maningi kakhulu. Ukusolwa ngezinsolo ezifana nalezi kuza nomkhulu omonakalo okungelula ukuwulungisa, yikho ke sinqume ukuvula lamacala. Okwenziwa yilabo sopolitiki akwemukelekile, kumele kube nezinyathelo ezithathwayo ezizoba yisifundo kulabo abahlulela abanye ngamacala abangawazi esidlangalaleni. Isenzo saba senza izinto zabanzima kakhulu njengoba ezinkundleni zokuxhumana njengoba ababekusho kwakukholwa abaningi ngale kokuzibuza imibuzo efanele,” esho.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...