Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

by | 8 March 2026

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua “Terror” Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza.

Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela eNingizimu Afrika, kanti wabangundunankulu wokuqala, wesifundazwe iFree State, ngo-1994. Ushiye lapho wayoba ngusihlalo weNational Council of Provinces (NCOP).

ENgqungqutheleni ye-ANC, ayayise Mahikeng ngo-1997, uLekota wakhethwa waba ngusihlalo kazwelonke wale nhlangano, uMnu Thabo Mbeki, waba ngumengameli. ULekota, ubeyisethenjwa esikhulu sikaMbeki, kangangoba ukwehlulwa kwakhe (uMbeki), engqungqutheleni ye-ANC, eyayiseLimpopo ngo-2007, kwaholela ekutheni uLekota, uMnu Mbazima Shilowa, noMnu Mluleki George (naye ongasekho), bashiye i-ANC, basungule iCOPE ngonyaka olandelayo.

Okhulumela iCOPE uMnu Pakes Dikgotsi, uthi bazohlangana nomndeni ngoMsombuluko, bese bedalula izinhlelo zomgcwabo.

“Maningi amaciko afuna ukuba khona emngcwabebi kaLekota. Esingakuqinisekisa ukuthi uzogcwatshwa ngokwezinga lesifundazwe (category 2), ngoba waba ngundunankulu waseFree State. Umngcwabo uzoba seBloemfontein,” esho.

ULekota uhlalile eClermont, eThekwini, eyisandla sokuphosa sikaMnu Archie Gumede, owaba ngumengameli wokuqala we-United Democratic ovement (UDF), eNatal. uLekota waboshwa ngo-1974, ngokuhlela iViva Frelimo Rally”, eyayise Curries Fontein Stadium, eThekwini, wagqunywa iminyaka ewu-10 eRobben Island. Ngaleso sikhathi wayeyilungu leBlack Consciousness Movement (BCM).

Ushiye emhlabeni umkakhe, uNkk Cynthia Lekota (uMaShange), ongowokuzalwa eClermont, izingane ezine, nabazukulu.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...