
UTHI akabulokothi utshwala umkhwenyana osephenduke isilomo ngemuva kokusabalala kwezithombe nama-video omshado wakhe ezinkundleni zokuxhumana esina, edansa aze akhase phansi.
Abantu kabawuvali umlomo ngendlela abejuxuza ngayo, ekhombisa injabulo sengathi yingane encane uMnu Mphakamise Nxumalo (42) wakwaMduku, eHluhluwe, obegcagcelwa uNkk Ayanda Nxumalo, uMaMdluli (30). Ngemuva kokuba sematheni komshado wakhe obungempelasonto edlule, ILANGA limvakashele kwakhe, ukuyoxoxa naye kabanzi ngenjabulo yakhe.
Utshele leli phephandaba ukuthi kumethusile ukuzwa ukuthi umshado wakhe usugcwele ezinkundleni zokuxhumana ekubeni bona bengakazitholi izithombe nama-video omshado wabo. Uthe obekumenza agiye ngaleya ndlela, wukuthi ubeqiwe yinjabulo yokufezeka kwesifiso sakhe sokuthi ashade unina wezingane zakhe, yize engasebenzi.
“Angilalanga izinsuku ezimbili zilandelana ngihlela lo mcimbi. Kuthe sengibona abantu begcwele ekhaya, ngabona ukuthi lifezekile ngempela iphupho lami,” esho.
Utshele ILANGA ukuthi uqale ukuthandana nenkosikazi yakhe ngo-2016, babusiswe ngamadodakazi amane. Uthi ngemuva kokuphelelwa umsebenzi eMpumalanga, walanda unina wezingane zakhe wayohlala naye kubo ngoba ayengasekho amandla okumondla ekude.
“Ngenxa yokuthi angisebenzi, kuphoqeleke ukuba ngidayise imoto ngo-R25 000 nenkomo ka-R15 000. ukubhekana nezindleko zomshado. Ngiphinde ngahlaba inkomo ukuze kube nesishebo esanele. Yize bekunzima kodwa okungijabulisayo wukuthi ngizishaye zonke izinkomo ekhweni lami.”
Ephawula ngokusabalala kwezi-thombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana uthe: “Siqale sanengeka ukuzibona sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ngale kwemvume yethu. Zonke izithombe nama-video asabalale thina banikazi bomcimbi singakabi nawo. Kusixakile lokho ukuthi kwenzeke kanjani, kodwa sibuye sakudlulisa. Sengidumile, wonke umuntu ukhuluma ngalo mshado.”
UNkk Nxumalo uthe naye ubejabule njengaye umyeni wakhe kodwa ubengeke akwazi ukubhiyoza njengaye ngoba kusemzini kuyena. Abanye ezinkundleni zokuxhumana bebemncoma uNxumalo bethi, “nabu-ke ubungqwele”.







