Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kubanjwe imali yamakhasimende ebhange Ithala

Kubanjwe imali yamakhasimende ebhange Ithala

by | 22 January 2025

KUPHITHENE amakhanda kumakhasimende ebhange Ithala okubhajwe kulo imali yawo.

Isiphithiphithi siqubuke ngoLwesine ngemuva kokuba iPrudential Authoriy (PA), ewuphiko olungaphansi kweSouth African Reserve Bank (SARB), olulawula ukusebenza kwamabhange eNingizimu Afrika, iveze ukuthi isifake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ifuna ukuba livalwe Ithala.

Kusukela cishe ngoLwesine olwedlule ziwu-16, amakhasimende aleli bhange abethi ayokhipha imali yawo emshinini, abhekane nenkinga, engayitholi imali.

Elinye lamakhasimende elikhulume neLANGA lithe likhungathekile ngale nkilayitheka elihlangabezane nayo. Leli khasimende elicele ukungadalulwa igama lalo, liyisisebenzi somunye weminyango kahulumeni.

Lithi lehlelwe wumshophi ngemuva kokuba kungene umholo walo ngoLwesithathu mhla ka-15.

Lithi ngoLwesithathu likwazile ukukhipha imali, lashiya ingxenye ethile engaphezulu kuka-R4 000.

Lithe seliyoyikhipha ngoLwesine, lisebenzisa umshini waseNedbank, yangaphuma imali – kwabuya ipheshana elithi maliye egatsheni laseThala.

“NgoLwesihlanu ngivukele khona egatsheni (laseThala), elisekhoneni lomgwaqo uSmith (Anton

Lembede) noBroad Street (Dr Yusuf Dadoo),” kusho leli khasimende.

Lithi lifike kunenqwaba yaba#ntu abebemi kulayini ngaphandle, kuvaliwe ebhange. Ngokusho kwalo, bame kwaze kwadlula isikhathi esejwayelekile sokuvulwa kwebhange.

“Kuze kwaphuma oyimenenja yakhona, wathi kunenkinga – kusayiwe enkantolo (ukuyolungisa leyo

inkinga). Sibuzile ukuthi senze njani, silinde yini, wathi abantu abazokwazi ukubanika imali ngabamabhuku, kodwa thina esisebenzisa amakhadi ngeke sikwazi ukuyithola.”

Likhala ngokuthi kuyimanje lixakekile, kalazi ukuthi lizothatha ini, lihlanganise nani ngoba le mali

yiyona ebelithembele kuyo. Belithi lizothenga ngayo ukudla, futhi yiyona ebelizoyisebenzisa ukugibela liye emsebenzini, lenze nezinye izidingo zengane ebheke lona.

Litshele ILANGA ukuthi sekunesikhathi eside lisebenzisa Ithala, ngokulethemba nangokuthi izindleko zalo zokubhenka kazimbi eqolo njengamanye amabhange amakhulu.

Kumanje lihlela ukuxhumana nomqashi, lishintshe ibhange, ukuze umholo olandelayo ungabhajwa.

Kubikwa ukuthi Ithala lithumele imiqhafazo kumakhasimende, liwabikela ngesimo sokumiswa

kokusebenza kwama-akhawunti ngenxa yesinyathelo esithathwe yiPA.

UNGQONGQOSHE UZONDI UTHEMBISA UKUTHI BAZOLUXAZULULA LOLU DABA

UNgqongqoshe wezokuThuthuki#swa koMnotho, ezokuVakasha, ne#zeMvelo KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, uthe ngoLwesihlanu bafake amaphepha enkantolo, bezama ukuvimbela ukuvalwa kokusebenza kwama-akhawunti abantu.

“Inkantolo ithe lolu daba kaluphuthumi, luzolalelwa kahle ezithebeni zenkantolo, lapho amajaji ezobe emaningi khona ngoLwesihlanu oluzayo,” kusho uZondi.

Ugcizelele ukuthi lokhu okwenzekayo eThala akukhona ukuthi kalisakwazi ukuqhubeka nokuhweba ngokujwayelekile. Uthi bona banesiqiniseko sokuthi Ithala lisesimeni esikahle semali, athi lokho kwafakazelwa nanguMcwaningi-maBhuku oMkhulu kuzwelonke (Auditor General).

“Sithi kubantu ababeke imali yabo eThala mabangakhathazeki, siyaxolisa ngokuba baphatheke kabi. Kube khona amaginxiginxi okwamanje, kodwa (lokho) kuzolungiswa ngokushesha.

“Siyaninika isiqiniseko sokuthi uHulumeni waKwaZulu-Natal, ikakhulukazi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ulusukumele lolu daba, wathintana noMengameli wezwe uMnu Matamela Cyril Ramaphosa ukuba kuboniswane ngokuthi kungenziwa kanjani ukuba kulungiswe udaba lweThala.”

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...