Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-DA ifuna kumiswe ikhansela elingene emhlanganweni ‘lihlome ngevolovolo’

I-DA ifuna kumiswe ikhansela elingene emhlanganweni ‘lihlome ngevolovolo’

by | 5 August 2025


IQEMBU eliphikisayo kuMasipala waseMsunduzi iDA, lifuna lithathelwe izinyathelo ikhansela le-ANC, okuthiwa lifike emhlanganweni womkhandlu, lihlome ngesibhamu.

Leli qembu likhala ngokuthi leli khansela esiligodlile igama lalo, lephule umgomo wokuziphatha kwamakhansela emhlanganweni ngalesi senzo.

UMnu Garth Middleton oyikhansela le-DA kulo masipala uthe,isenzo saleli khansela sikhombise ukuthusa nokusabisa njengoba imithetho ikubeka kucace indlela okumele amakhansela aziphathe ngayo emihlanganweni.

“Okusikhathazayo njenge-DA, wukuthi ngesikhathi sibikela usomlomo ngalesi senzo saleli khansela, alusukunyelwanga phezulu lolu daba. Kunalokho usomlomo umane wathi uzobhekana nalo ngaphandle kokucacisa ukuthi akahambisani nalesi senzo,” kusho
uMiddleton.

Uthe le mpendulo kasomlomo kayilibuyisanga ithemba emakhanseleni, agcine esezizwa engasaphephile.

“I-DA ifuna leli khansela limiswe emsebenzini ngokushesha, bese lithathelwa izinyathelo ezinqala ezingaholela ekutheni ligcine likhishwa ngokugcwele ekubeni yikhansela lomphakathi,” esho.

Uchaze imihlangano yomkhadlu njengevulelekile ukuthi kudingidwe izihloko ezimqoka futhi kube nenkulumo-mpikiswano eyakhayo, ngaphandle kokuthi kuze kube khona abasabisa noma abathusa abanye.

“Ukuba khona kwesikhali emihlanganweni yalolu hlobo kwenza ukukhululeka kwamakhansela kube sengcupheni njengoba amanye engagcina engasakwazi ukudingida izihloko ngendlela enenqubekelaphambili, ngenxa yokwesaba,” esho.

Uthi okukhathaza kakhulu ngalesi senzo, wukuthi isikhathi okuphilwa ngaphansi kwaso simanzonzo, njengoba kuqhubeka nokwanda ukubulalana okuhlobene nepolitiki, ikakhulukazi ngaphansi kukaMasipla waseMsunduzi.

Imizamo yokuthola uSomlomo waseMsunduzi uNkk Eunice Majola iphunzile, njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, nomyalezo wemibuzo athunyelelwe wona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulanga.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...