Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Ubengenazo izincwadi zokushayela’ umshayeli wetekisi elidale ingozi

‘Ubengenazo izincwadi zokushayela’ umshayeli wetekisi elidale ingozi

by | 16 September 2025

UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal usuveze ukuthi umshayeli wetekisi elidale ingozi eMpendle, maphakathi nesifundazwe, ubengenazo izincwadi zokushayela. Kulimale kanzima abafundi abawu-21, basezikoleni iMatomela High School, iLuthando High School, neS’thunjwa Primary School. Ibhasi liphaphalaze lakhalakathela ebhulohweni iKwakhetha, khona eMpendle, izolo ngoMsombuluko.

UMnu Ndabezinhle Sibiya, okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni, uthi umshayeli webhasi uzinikele emaphoyiseni, wabe eseyaboshwa. Kuthiwa wephule umthetho iNational Road Trafic Act, ngokushayela ngaphandle kwezincwadi.

“UNgqongqoshe (uSiboniso) uDuma ukhathazekile ngokwanda kwezingozi zezimoto ezithutha izingane zesikole. Kwenzeka le ngozi yaseMpandle nje, kusanda kubhubha izingane eziyi-5 ngesikhathi imoto ezithwalayo, iphaphalaza ishayisa udonga eMbali, eMgungundlovu.

“Kunxuswa abashayeli nabanikazi bezimoto ezithutha abafundi, ukuthi baqikelele ukuthi izimoto zisesimeni esikulungule ukuba semgwaqeni,” kusho uSibiya.

Abafundi abalimale engozini yaseMpendle, abanye baselashwa ezibhedlela kanti abanye badedeliwe. Enye ingozi eyenzeke emgwaqeni uM41 ngaKwaMashu, enyakatho yeTheku, idlule nomphefumulo wentombazanyana eneminyaka eyi-12. Imoto encane igingqikile, ingane yaphuma yashona.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...