Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Ubengenazo izincwadi zokushayela’ umshayeli wetekisi elidale ingozi

‘Ubengenazo izincwadi zokushayela’ umshayeli wetekisi elidale ingozi

by | 16 September 2025

UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal usuveze ukuthi umshayeli wetekisi elidale ingozi eMpendle, maphakathi nesifundazwe, ubengenazo izincwadi zokushayela. Kulimale kanzima abafundi abawu-21, basezikoleni iMatomela High School, iLuthando High School, neS’thunjwa Primary School. Ibhasi liphaphalaze lakhalakathela ebhulohweni iKwakhetha, khona eMpendle, izolo ngoMsombuluko.

UMnu Ndabezinhle Sibiya, okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni, uthi umshayeli webhasi uzinikele emaphoyiseni, wabe eseyaboshwa. Kuthiwa wephule umthetho iNational Road Trafic Act, ngokushayela ngaphandle kwezincwadi.

“UNgqongqoshe (uSiboniso) uDuma ukhathazekile ngokwanda kwezingozi zezimoto ezithutha izingane zesikole. Kwenzeka le ngozi yaseMpandle nje, kusanda kubhubha izingane eziyi-5 ngesikhathi imoto ezithwalayo, iphaphalaza ishayisa udonga eMbali, eMgungundlovu.

“Kunxuswa abashayeli nabanikazi bezimoto ezithutha abafundi, ukuthi baqikelele ukuthi izimoto zisesimeni esikulungule ukuba semgwaqeni,” kusho uSibiya.

Abafundi abalimale engozini yaseMpendle, abanye baselashwa ezibhedlela kanti abanye badedeliwe. Enye ingozi eyenzeke emgwaqeni uM41 ngaKwaMashu, enyakatho yeTheku, idlule nomphefumulo wentombazanyana eneminyaka eyi-12. Imoto encane igingqikile, ingane yaphuma yashona.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...