
UTHI usebenze ngaphansi kwezimo ezinzima ngaphambi kombhikisho, esatshiswa ngokufa, umholi weNsizwa Nobunsizwa Foundation, uMnu Nkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba. Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo eGugu Dlamini Park, eThekwini ngoLwesithathu.
Uthe kuze kwaphoqeleka ukba ashintshe imoto yakhe, wasebenzisa ezimbili ezehlukene, ukuze akwazi ukufika embhikishweni, okuyikho okudale ukuthi aphuze ukufika ngoba ezobunhloli beseziwutholile umbiko wokuthi kuhlelwe ukuthi abulawe engakafiki kuwona.
Uthe ukubhikisha kwabo ngoLwesibili kube nomthelela omuhle njengoba sekuvuleke namathuba emisebenzi amaningi njengoba sekuchithwe abokufika. Ngokusho kwakhe, ukhulume nomphathi wenkampani kapholoni omtshele ukuthi bawu-500 abantu bakuleli inkampani esibaqashile, yakhipha bonke abokufika ebibaqashile.
Uthe njengoba bekunemibhikisho, bekuyisiqalo njengoba behlela umkhankaso namaphoyisa, wokungena wonke amabhilidi, kukhishwe abantu bokufika. Uthe kalikho ibhilidi noma indawo abazoya kuyona bashiye, bengakahambi abokufika abazobe behleli kuwona. Uthembise ukuthi kuzophela unyaka sekubunjwe amathuba amaningi emisebenzi njengoba bezokwenza isiqiniseko ukuthi nasemabhizinisini bakhishwa bonke abokufika.
Kulo mkhankaso uthe bazobe behamba nayo iMarch and March. Uthi kunowesilisa waseZimbabwe omfonelile, ebonga ngabakwenzile (ngokubagodukisa babuyele emazweni abo), njengoba ethi kunabantu abese bezikhohliwe ukuthi bangobani, futhi beshiye nemindeni yabo nezingane zingadlile emazweni abavela kuwona.
Uchitha izinsolo zokuthi ufuna “ukudla” umkhankaso weMarch and March, owasungulwa nguNkk Jacinta Ngobese-Zuma. Uveze ukuthi umhlangano abe nawo noMengameli uCyril Ramaphosa ngaphambi kombhikisho wangoLwesibili, akayanga kuwona ehamba yedwa ngoba edla uNkk Ngobese-Zuma izithende.
“Kwakungekho ezinhlelweni zami ukuyohlangana noRamaphosa. Ngesikhathi ngiya kuyena, ngangingazi nokuthi uyothini kimina, futhi wayebize mina njengoPhakelumthakathi. Ngangingeke ngithi ngibiziwe, ngingazi nokuthi ngibizelwani, bese ngibiza noNkk Ngobese-Zuma, ngingeke ngimchazele nokuthi sibizelweni.
“Nakhona uma sengifika, umengameli wathi ucela siwuhlehlise umbhikisho, nganqaba. Ngamtshela ukuthi ukube usho kusenesikhathi bekungazwakala, ngoba umhla ka-30 June kade saqala ukukhuluma ngawo. Ube esecela isiqiniseko sokuthi ngeke kucekelwe phansi izwe, ngabe sengimthembisa. Ngize ngathi uma kungenzeka kufe abantu, ngicela uMkhuzi wamaPhoyisa, uNhlanhla Mkhwanazi angibophe,” esho.
Uthe nezinsolo zokuthi kunemali anikwe yona ngumengameli, kungamampunge lokho. Imali uthe ubenikelelwa yona ngabantu baseNingizimu Afrika, njengoba i-account yakhe yakwaCapitec, ibisesidlangaleni, ecela iminikelo.







