Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wethulwe ngokusemthethweni umjovo ovikela iHIV

Wethulwe ngokusemthethweni umjovo ovikela iHIV

by | 5 June 2026

UQHAKAMBSE ububanzi bebanga eselihanjwe yiNingizimu Afrika ekulweni nesandulela-ngculaza uMengameli Cyril Ramaphosa, ngesikhathi ethula ngekusemthethweni ukuqala kokusetshenziswa komjovo ovikela leli gciwane.

Umengameli ubethula inkulumo yosuku emcimbini wokwethulwa komjovo iLenacapavir obusenkundleni yezemidlalo iLilian Ngoyi eSecunda, eMpumalanga, ngoLwesihlanu.

“Sisuka kude siyizwe. Kunezikhathi lapho ukuba neHIV kwakuthathwa njengesigwebo sentambo. Manje sekuyigciwane nje okuphilekayo nayo, abantu kabasazenyezi ngokuba nalo, kalisabukwa njengento eyihlazo. Ukwethula lo mjovo kusho igxathu elikhulu ohambweni lwethu oluya ekunqobeni impi yeHIV. Uzokwelekelela kakhulu ukuhlenga impilo yabantu,” kusho uRamaphosa.

Lo mjovo kuthiwa uhlala izinyanga eziyisithumpa emzimbeni, okusho ukuthi umuntu kuzomele awuthathe kabili ngonyaka. URamaphosa uthe inhloso kahulumeni wukuthi lo mjovo ufinyelele kubona bonke abantu abawudingayo ezweni, ikakhulu labo abentulayo.

“Sifuna ukuthi kuphele unyaka ozayo usufinyelele kubantu abangaphezulu kuka-1 million, bese ufinyelele kwabangu-3 million ngonyaka olandelayo.”

UNqongqoshe wezeMpilo uDKT Aaron Motsoaledi unxuse abantu ukuthi baqhubeke nokusebenzisa ezinye izindlela zokuvikela okubalwa kuzona amaphilisa iPre-Exposure Prophylaxis (Prep), ukusebenzisa amakhondomu, ukuzithiba nokusoka. Ukhuthaze nokuthi banganqeni ukuyohlolelwa leli gciwane, futhi badle imishanguzo yabo ngendlela.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...