Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wethulwe ngokusemthethweni umjovo ovikela iHIV

Wethulwe ngokusemthethweni umjovo ovikela iHIV

by | 5 June 2026

UQHAKAMBSE ububanzi bebanga eselihanjwe yiNingizimu Afrika ekulweni nesandulela-ngculaza uMengameli Cyril Ramaphosa, ngesikhathi ethula ngekusemthethweni ukuqala kokusetshenziswa komjovo ovikela leli gciwane.

Umengameli ubethula inkulumo yosuku emcimbini wokwethulwa komjovo iLenacapavir obusenkundleni yezemidlalo iLilian Ngoyi eSecunda, eMpumalanga, ngoLwesihlanu.

“Sisuka kude siyizwe. Kunezikhathi lapho ukuba neHIV kwakuthathwa njengesigwebo sentambo. Manje sekuyigciwane nje okuphilekayo nayo, abantu kabasazenyezi ngokuba nalo, kalisabukwa njengento eyihlazo. Ukwethula lo mjovo kusho igxathu elikhulu ohambweni lwethu oluya ekunqobeni impi yeHIV. Uzokwelekelela kakhulu ukuhlenga impilo yabantu,” kusho uRamaphosa.

Lo mjovo kuthiwa uhlala izinyanga eziyisithumpa emzimbeni, okusho ukuthi umuntu kuzomele awuthathe kabili ngonyaka. URamaphosa uthe inhloso kahulumeni wukuthi lo mjovo ufinyelele kubona bonke abantu abawudingayo ezweni, ikakhulu labo abentulayo.

“Sifuna ukuthi kuphele unyaka ozayo usufinyelele kubantu abangaphezulu kuka-1 million, bese ufinyelele kwabangu-3 million ngonyaka olandelayo.”

UNqongqoshe wezeMpilo uDKT Aaron Motsoaledi unxuse abantu ukuthi baqhubeke nokusebenzisa ezinye izindlela zokuvikela okubalwa kuzona amaphilisa iPre-Exposure Prophylaxis (Prep), ukusebenzisa amakhondomu, ukuzithiba nokusoka. Ukhuthaze nokuthi banganqeni ukuyohlolelwa leli gciwane, futhi badle imishanguzo yabo ngendlela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...