Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kunxuswa abamaSpaza abangakabhalisi ukungalindi amathonsi abanzi

Kunxuswa abamaSpaza abangakabhalisi ukungalindi amathonsi abanzi

by | 5 March 2025

UMasipala weTheku uyaqhubeka ukunxusa abanikazi bamaSpaza ukubhalisela amalayisensi okusebenza, nakuba sewedlule umnqamulajuqu obubekiwe, okuwumhla ka-28 kuNhlolanja (February).

Lo masipala uthi usuthole izicelo ezingaphezulu kuka-6000, kanti abalelwa ngaphezulu kuka-1500 amalayisensi asekhishiwe.

“Nakuba usuvaliwe umkhankaso wokukhuthaza ukubhalisa, ukubhalisa khona kusaqhubeka futhi kuyimpoqo. Lo mkhankaso ovulwe ngoNovember wasongwa ekupheleni kwenyanga edlule bekuhloswe ngawo ukubhekana nenkinga yokudla okungaphephile nokuhlela le mboni ukuze ihambisane nomthetho,” kusho iMeya uMnu Cyril Xaba, esitatimendeni esikhishwe wumkhandlu namuhla ngoLwesithathu.

Njengoba selwedlulile usuku obelubekiwe lokubhalisa, lo masipala uthi uzoqinisa izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi abephula umthetho bathola izijeziso, ngokubambisana nezinhlaka ezithintekayo.

“Amabhizinisi angawulandeli umthetho angalindela ukuhlawuliswa, izexwayiso, ngisho nokuvalwa imbala. Kusukela ngoMandulo (September) nyakenye, zilinganiselwa ku 395 izexwayiso nezinhlawulo esesizikhiphile,” kuqhuba uXaba.

Amabhizinisi angakwazanga ukubhalisa ngesikhathi nalawo abengakezwa lutho mayelana nezicelo zawo ayanxuswa ukuba avakashe izikhungo zalo masipala. Ngolunye ulwazi ngokufonela inombolo ethi 031 311 4535 noma kuthunyelwe i-email ku-licensing@durban.gov.za.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...