Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kunxuswa abamaSpaza abangakabhalisi ukungalindi amathonsi abanzi

Kunxuswa abamaSpaza abangakabhalisi ukungalindi amathonsi abanzi

by | 5 March 2025

UMasipala weTheku uyaqhubeka ukunxusa abanikazi bamaSpaza ukubhalisela amalayisensi okusebenza, nakuba sewedlule umnqamulajuqu obubekiwe, okuwumhla ka-28 kuNhlolanja (February).

Lo masipala uthi usuthole izicelo ezingaphezulu kuka-6000, kanti abalelwa ngaphezulu kuka-1500 amalayisensi asekhishiwe.

“Nakuba usuvaliwe umkhankaso wokukhuthaza ukubhalisa, ukubhalisa khona kusaqhubeka futhi kuyimpoqo. Lo mkhankaso ovulwe ngoNovember wasongwa ekupheleni kwenyanga edlule bekuhloswe ngawo ukubhekana nenkinga yokudla okungaphephile nokuhlela le mboni ukuze ihambisane nomthetho,” kusho iMeya uMnu Cyril Xaba, esitatimendeni esikhishwe wumkhandlu namuhla ngoLwesithathu.

Njengoba selwedlulile usuku obelubekiwe lokubhalisa, lo masipala uthi uzoqinisa izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi abephula umthetho bathola izijeziso, ngokubambisana nezinhlaka ezithintekayo.

“Amabhizinisi angawulandeli umthetho angalindela ukuhlawuliswa, izexwayiso, ngisho nokuvalwa imbala. Kusukela ngoMandulo (September) nyakenye, zilinganiselwa ku 395 izexwayiso nezinhlawulo esesizikhiphile,” kuqhuba uXaba.

Amabhizinisi angakwazanga ukubhalisa ngesikhathi nalawo abengakezwa lutho mayelana nezicelo zawo ayanxuswa ukuba avakashe izikhungo zalo masipala. Ngolunye ulwazi ngokufonela inombolo ethi 031 311 4535 noma kuthunyelwe i-email ku-licensing@durban.gov.za.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...