Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Yehliswe ngo-0,25% inzalo yemalimboleko

Yehliswe ngo-0,25% inzalo yemalimboleko

by | 21 November 2024

BHEKI NDLOVANA 

YEHLISWE ngo-25 basis point (0,25%) inzalo yemalimboleko. 

Lolu guquko lumenyezelwe nguMnu Lesetja Kganyago onguMbusi weSouth African Reserve Bank (SARB), namhlanje ngoLwesine ntambama. 

Ukwehliswa kwenzalo yemalimboleko kulindeleke ukuba kwehliswe kancane umthwalo kubathengi abanezikweletu ezinkulu okubalwa kuzona ezemizi nezezimoto. 

Bekuvele kulindelekile ukuba iSARB iyehlise inzalo yemali mbolelo njengoba isimo sokwehla kwamandla emali sesingcono kakhulu uma kuqhathaniswa naseminyakeni embalwa edlule, ikakhulukazi kusukela ngesikhathi kubheduka iCovid-19. 

Sekungokwesibili iSARB ithatha isinqumo sokwehlisa inzalo yemalimboleko izikhawu zilandelana ngemva kokuhlala isikhathi eside iphezulu futhi ingaguqulwa. Ize yaqala ukwehliswa ngoSeptember kuwona lo nyaka. 

Abahlaziyi bezomnotho bathi kulindeleke ukuba iSARB iqhubeke nokuyehlisa inzalo yemalimboleko nangonyaka ozayo. 

Isimemezelo esilandelayo seSARB mayelana nenzalo yemalimboleko siyomenyezelwa ngoMasingana (January) wonyaka ozayo. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...