Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ibhekwe ngabomvu inkulumo kamengameli

Ibhekwe ngabomvu inkulumo kamengameli

by | 13 July 2025


UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uzokhuluma nezwe namuhla ngeSonto ngezinsolo ezabekwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.

Ngesonto eledlule, udaba lukaMkhwanazi belusematheni, ngemuva kokuba ebize isithangami sabezindaba, wadalula izinsolo zokugxambukela emsebenzini wamaphoyisa, waninda izikhulu okubalwa kuzonk uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu.

Umengameli, ekubuyeni kwakhe eBrazil, engqungqutheleni yeBrics, utshele izwe ukuthi usafune umbiko ogcwele ngalolu daba, ngaphambi kokuthatha izinyathelo ezifanele.

UMkhwanazi uthole ukwesekwa yiqembu le-Action SA, nezinhlangano ezilwela amalnngulo abantu, nabaBandla ezenkolo. I-Action SA ngoLwesihlanu ibenombhikisho wokweseka uMkhwanazi.


I-Action SA ithi uRamaphosa uzithele ngabandayo, ngokungazisukumeli lezi zinsolo nokushesha, yize zibuyaci.


“Uzokhumbula ukuthi umengameli wahoxisa uhambo ayenalo ngesikhathi iDemocratic Alliance (DA), yesabisa ngokuthi izophuma kuGovernment of National Unity (GNU). Kulokhu uzwile ngalokho okushiwo nguMkhwanazi, kodwa wahlala eBrazil, esikhundleni sokuthi abuye ngoba yizinsolo ezibucayi lezi.

“Asikholelwa ukuthi amakhonishana angaba yisixazululo, sifuna uNgqongqoshe uSenzo Mchunu akhonjwe indlela. Siyayincoma iDA, ngoba isimvulele icala ngokuqamba amanga ePhalamende, ephika ukuthi uyazana noMnu Brown Mogotsi, uMkhwanazi amsola ngokuthi uyagxambukela ekusebenzeni kwamaphoyisa,” kusho uMnu Zwakele Mncwango ongumholi we-Action SA eKZN.


Kubantu asebegxeke uMkhwanazi, nguMengameli wamaJaji kuleli, uNkz Mandisa Maya, othe makaqhamuke nobufakazi ngoba athi kunokusebenzisana phakathi kwezinhlaka zomthetho nezigebengu kuleli zwe. Uthe izinhlaka zomthetho nezobulungiswa zizimele, azihlangane nezigilamkhuba.

UMvikeli woMphakathi uNkz Kholeka Gcaleka uthi ubelindele ukuthi izinsolo ezinjena, uMkhwanazi azilethe ehhovisini lakhe, angegijimeli kwabezindaba.


Umhlaziyi wepolitiki ozinze e-University of KwaZulu-Natal, uMnu Zakhele Ndlovu, uthi mancane amathuba okuthi uNgqongqoshe uMchunu, angakhhonjwa indlela.


“Uzokhumbula ukuthi uMchunu ngumholi oweseke uRamaphosa, abanye abaholi sebemhlehlele eKZN. Into azoyenza wukusungula ikhomishana ezophenya, noma amnike esinye isikhundla kuKhabhinethi, njengoba enza kuNgqonqgoshe uThembi Simelane,” kuhlaziya uNdlovu.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...