Ilanga News
Home 9 Featured 9 U-AKA wanqatshelwa ethenga utshwala emva kokushona kuka-Anele ehhotela

U-AKA wanqatshelwa ethenga utshwala emva kokushona kuka-Anele ehhotela

by | 9 September 2026

KUVELE ukuthi owayenguMrepha waseNingizimu Afrika osashona, uKiernan “AKA” Forbes wanqatshelwa ethenga amaTequila shooters ekuseni ehhotela eCape Town, emva kwesigameko sokushona kwentombi yakhe, u-Anele Tembe owawa ehhotela wasakazeka phansi esuka esitezi sika-10 lapho babelele khona.

Lobu bufakazi buvele njengoba kuqhubeka icala lokufa kuka-Anele eNkantolo yeMantshi eCape Town ngoLwesithathu. Kuthiwa u-AKA wayethenge lesi siphuzo esidakayo efuna ukulethelwa sona egumbini ku-105 ayelele kulona no-Anele. Oyimenenja yehhotela iPepperclub ababelele kulona o-Anele no-AKA, uthe wanqaba ngesikhathi lo mrepha ecela ukulethelwa lesi siphuzo.

Lezi zindaba kuthiwa azehlanga kahle ku-AKA okuthiwa wavuka ngolaka. Kuleli cala eliphenya ngokushona kuka-Anele owayeneminyaka engu-22 ngo-2021 ashona ngawo,  kufakaza imenenja yehhotela, amaphoyisa amabili ayesingethe lolu daba, umakhelwane owaletha iVideo eyaqopheka ngesikhathi kuwa u-Anele owasakazeka phansi washona.

Inkantolo ithe ofakazi bangadalulwa ngaphandle kokuchazwa ngemisebenzi yabo. Imenenja ithe yatshelwa ukuthi u-AKA uthenge lezi ziphuzo wacela ukuthi ayiselwe egumbini lakhe lapho ayesehleli khona nethimba lakhe emva kokushona kuka-Anele.

Uthe ngesikhathi bezwa ukuthi kuthengwa lezi ziphuzo, imenenja ithe yanqaba emva kwesigameko esasesenzekile kuleli gumbi. Uthe lokho abakuthandanga balwa kwaze kwangenelela yona imenenja ibachazela. Ithe kuyona kwakungawenzi umqondo ukuthi kufunwe lezi ziphuzo emva kwesigameko esenzeke khona.

Nesinye isivakashi esasilele kuleli hhotela, esifakazile kuleli cala sikuvezile ukuthi sezwa o-AKA befaka i-oda lalezi ziphuzo.

Okunye okuvezwe yimenenja ukuthi u-AKA wayebukeka ephuzile futhi kukhona isikhathi lapho abuza khona amaphoyisa ukuthi angasenza yini isitatimende esakhumbula okwenzekile.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...