Ilanga News
Home 9 Featured 9 U-AKA wanqatshelwa ethenga utshwala emva kokushona kuka-Anele ehhotela

U-AKA wanqatshelwa ethenga utshwala emva kokushona kuka-Anele ehhotela

by | 9 September 2026

KUVELE ukuthi owayenguMrepha waseNingizimu Afrika osashona, uKiernan “AKA” Forbes wanqatshelwa ethenga amaTequila shooters ekuseni ehhotela eCape Town, emva kwesigameko sokushona kwentombi yakhe, u-Anele Tembe owawa ehhotela wasakazeka phansi esuka esitezi sika-10 lapho babelele khona.

Lobu bufakazi buvele njengoba kuqhubeka icala lokufa kuka-Anele eNkantolo yeMantshi eCape Town ngoLwesithathu. Kuthiwa u-AKA wayethenge lesi siphuzo esidakayo efuna ukulethelwa sona egumbini ku-105 ayelele kulona no-Anele. Oyimenenja yehhotela iPepperclub ababelele kulona o-Anele no-AKA, uthe wanqaba ngesikhathi lo mrepha ecela ukulethelwa lesi siphuzo.

Lezi zindaba kuthiwa azehlanga kahle ku-AKA okuthiwa wavuka ngolaka. Kuleli cala eliphenya ngokushona kuka-Anele owayeneminyaka engu-22 ngo-2021 ashona ngawo,  kufakaza imenenja yehhotela, amaphoyisa amabili ayesingethe lolu daba, umakhelwane owaletha iVideo eyaqopheka ngesikhathi kuwa u-Anele owasakazeka phansi washona.

Inkantolo ithe ofakazi bangadalulwa ngaphandle kokuchazwa ngemisebenzi yabo. Imenenja ithe yatshelwa ukuthi u-AKA uthenge lezi ziphuzo wacela ukuthi ayiselwe egumbini lakhe lapho ayesehleli khona nethimba lakhe emva kokushona kuka-Anele.

Uthe ngesikhathi bezwa ukuthi kuthengwa lezi ziphuzo, imenenja ithe yanqaba emva kwesigameko esasesenzekile kuleli gumbi. Uthe lokho abakuthandanga balwa kwaze kwangenelela yona imenenja ibachazela. Ithe kuyona kwakungawenzi umqondo ukuthi kufunwe lezi ziphuzo emva kwesigameko esenzeke khona.

Nesinye isivakashi esasilele kuleli hhotela, esifakazile kuleli cala sikuvezile ukuthi sezwa o-AKA befaka i-oda lalezi ziphuzo.

Okunye okuvezwe yimenenja ukuthi u-AKA wayebukeka ephuzile futhi kukhona isikhathi lapho abuza khona amaphoyisa ukuthi angasenza yini isitatimende esakhumbula okwenzekile.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...