
Isithombe nguNhlanhla Gumede
KUZALE isiphuzo esiyisikhuthazi ukuba sembonini yezokuthutha emndenini kasomatekisi owaziwayo eThekwini, uMnu Thomas Getsemane, nomkakhe uNkk Daisy Getsemane abasezinhlelweni zokwethula ngokusemthethweni lesi siphuzo esibizwa ngeGetsenergy.
Ngokusho kukaNkk Getsemane, ngemuva kokubona indlela abashayeli bamatekisi abasebenza ngayo, baqhamuke nesu lokukhiqiza lesi siphuzo ngenhloso yokuthi izisebenzi zabo zibe nomfutho wokukwazi ukuqhuba umsebenzi wazo, ohambisana namahora amade.
“Uma ubheka impilo yomshayeli wetekisi, uba ngowokuqala ukubona abagibeli abaya emsebenzini ezintatha, aphinde abe ngowokugcina uma eseyobabeka emakhaya ebusuku. Sibona le ndlela yokusebenza, siqhamuke nesu lalesi siphuzo ngenhloso yokuthi babe nomfutho wokumelana nalawa mahora,” kusho uNkk Getsemane.
Uthi benze ucwaningo ngezithako abazisebenzise kulesi siphuzo, futhi konke abakusebenzise kusona kugunyaziwe.
“Ucwaningo lwethu lwenze sakwazi ukuqhamuka nalesi siphuzo esithakwe ngendlela efanele futhi esiphasisiwe, sagunyazwa ukuba semthethweni ukuze sidayiswe ngokugcwele kuleli. Lesi siphuzo sisebenza ngendlela yokuthi noma ngubani ozizwa ekhathele angakwazi ukusiqhabula, abuyelwe wumfutho ukuze agxile kahle emsebenzini awenzayo, ngaphandle kwamaphutha,” esho.
Uqhube wathi lesi siphuzo sesiqalile ukutholakala kwezinye zezitolo ezinkulu okubalwa kuzo ezakwaSpar namagaraji okuthela uphethiloli ahlukene. Uthe bazosebenzisa lesi sikhathi samaholide ukwethula isiphuzo sabo kubantu njengoba bezozihlanganisa nemicimbi eyahlukene yobumnandi.
Emicimbini abahlela ukuba yingxenye yayo ubale i-Ink Kasi Xperience engomhla ka-15 kuZibandlela (December) ePrincess Magogo KwaMashu, iTshatha Music Festival eKwaNongoma ngomhla ka-29 kuZibandlela neMgababa Beach Festival engosuku lukaNcibijane eMgababa.
UNkk Getsemane uveze ukuthi bazohambela namarenki ahlukene esifundazweni ukwethula lesi siphuzo futhi bazoba nemititilizo abazoba nayo ezindaweni abazozihambela. Uphinde waveza ukuthi banalo uhlelo lokuthuthukisa osomabhizinisi abasakhula abanesifiso sokuthengisa lesi siphuzo ngenhloso yokuzakhela inzuzo.
“Abanesifiso sokubambisana nathi ekudayiseni lesi siphuzo, bangabheka izinkundla zethu zokuxhumana, bazoyithola imininingwane yokuxhumana nathi bese siba nendlela yokusebenzisana nabo,” kusho uNkk Getsemane.
Umndeni wakwaGetsemane uyaziwa kakhulu embonini yamatekisi njengoba uMnu Getsemane eseke waphatha izikhundla ezahlukene kule mboni.







