Ilanga News
Home 9 Featured 9 ZIMKHALELE OBANJWE EDAYISELA ABAFUNDI UMTHUNZI WEZINKUKHU ESIKOLENI

ZIMKHALELE OBANJWE EDAYISELA ABAFUNDI UMTHUNZI WEZINKUKHU ESIKOLENI

by | 14 November 2024

PHUMLANI GAMA

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesilisa obanjwe ngamaphoyisa ethengisela abafundi ugwayi oluhlaza ngaphandle kwamagceke esikole eLamontville, eThekwini, ngoLwesithathu.

Kuthiwa lo mlisa ucushelwe umgoga ngamaphoyisa ngemuva kokuba ethole umkhondo ngesenzo sakhe, amthola engaphakathi esikoleni, ethengisa khona, enabafundi abayishumi abebeyothenga kuyena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa kulindeleke ukuba avele maduze eNkantolo yeMantshi yaseWentworth ngecala lokutholakala nezidakamizwa. 

“Kubafundi abayishumi (aficwe nabo), abawu-8 bekungamantombazane. Bonke abafundi badedelwe ngesexwayiso esinzima, phambi kwabazali babo,” kusho uNetshiunda.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...