Usale enkundleni nabathathu ibambene namaphoyisa obefunelwa awokubulala osomatekisi

158

PHUMLANI GAMA

KUSALE abasolwa abane enkundleni kade itholene phezulu namaphoyisa eMooi River, izolo ngoMsombuluko. Phakathi kwabafi bekukhona nowesilisa oneminyaka ewu-40 ubudala, obefunelwa uxhaxha lwamacala okubulawa kosomatekisi eBergville naseWinterton. Ngokwesitatimende esikhishwe ngamaphoyisa, athi abesebenzisa ezobunhloli elandela umkhondo wabasolwa, okuthe uma ezama ukumisa imoto abebehamba ngayo emgwaqweni owuthelawayeka, uN3, yadla amagalani. 

LESI ngesinye sezibhamu okuthiwa zitholwe emuva kokubulawa kwabasolwa.

Kuthe kusenjalo, umshayeli wayikhipha kuN3 wangena emgwaqweni u-R103, obheke ngaseMtshezi. Ngokwesitatimende, amaphoyisa aqhubekile azama ukuyimisa, kodwa abasolwa baqala badubula bebhekise kuwona. Nawo aphendule ngenhlamvu, bashona bonke abasolwa. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Robert Netshiunda, uthe omunye wabasolwa ubefunelwa necala lokubulawa kukasomatekisi eWinterton, elenzeke ngoJune) nonyaka.  “Omunye wabasolwa uyanyaniswa namacala okudutshulwa kwabantu embonini yamatekisi, ikakhulukazi kusoseshini waseBergville. Esinye sezigameko abefunelwa sona ngesokubulawa kukasihlalo wamatekisi nesekela lakhe khona eBergville. Abasolwa batholwe nezibhamu ezingekho emthethweni ezisazohlolwa ukuthi kazithinteki yini kwamanye amacala. Nakuba isale izimbobombobo imoto yamaphoyisa, kodwa kalikho elilimalile kulesi sigameko,” kusho uNetshiunda. 

Previous article“I-ANC mayikwamukele ukuthi kayisekho emandleni” Buthelezi
Next articleOweBay FC usonga ngokuphula izinhliziyo zabePirates