Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa acela ongaba nolwazi ngalaba balisa

Amaphoyisa acela ongaba nolwazi ngalaba balisa

by | 23 June 2025

Amaphoyisa ase Lamontville acela ukufuniswa abesisilsa ababili uMnu Melusi Ricardo Drummos noMnu Thabani Gasa.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi laba bengalekelela ecaleni lokubulala esigamekweni esenzeke ngeSonto khona kule ndawo yaseLamontville.

Kubikwa ukuthi umufi oneminyaka ewu-27 ubudala, ubemi nomngani wakhe emgwaqweni ngesikhathi kuqhamuka abasolwa bamudubula washona.

Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ukuba axhumane nomphenyi wecala u Detective Constable Govender kulenombolo ethi 079500163 noma ashayele ku Captain Naidoo ku-0824116297

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...