Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zimkhalele owesilisa osolwa ngokubulala indodakazi (8) abeyifundisa onkamisa

Zimkhalele owesilisa osolwa ngokubulala indodakazi (8) abeyifundisa onkamisa

by | 22 July 2025

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi waseNgweni, KwaWosiyane, eNdwedwe ngesigameko sowesilisa osolwa ngokushaya abulale indodakazi yakhe eneminyaka ewu-8 eyifundisa onkamisa ngoLwesihlanu.

Ngokuthola kweLANGA, ingane yehlelwe yilokhu nje ibikade imvakashele uyise njengoba kuvalwe izikole, ibihlala nonina ePort Shepstone.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi uyise wengane ubehleli nayo ngoLwesine ntambama eyifundisa onkamisa, ihlukela ukubabiza kahle wadonsa ibhande wayishaya.

Kuthiwa uhlukane nengane isaphila ngoLwesine ngemuva kokuyishaya, wavuka ekuseni ngoLwesihlanu isishonile.

“Ngiyacabanga ukuthi uyishaye kanzima wanganaka ukuthi useyilimazile yahamba yayolala. Ucasulwe ukuthi ihlulwa ukubiza onkamisa,” Kusho omthombo.

UMnu Siyabonga Nzama oyinduna yakule ndawo uthe umbiko ufike ngoLwesihlanu kuyena ,etshelwa ngengane eshonile. Uthi ube eseshayela amaphoyisa ngoba umbiko ubuveza ukuthi ingane kuvukwe isishonile.

“Ngishayele amaphoyisa ucingo ngiwazisa ngalokhu. Abe esengicela ukuba ngibuyele emndenini ngibuze ukuthi ingane ibigula yini ngaphambi kokuba ishone. Ngibe sengimthinta uyise wengane ngifuna ukuthola kabanzi ngokwenzekile. Ungitshele ukuthi uyishayile ngayizolo, kodwa balale ingane iphila, wangitshela ukuthi angiwazise lokho amaphoyisa,” kusho uMnu Nzama.

Induna ithe lubathusile lolu daba indlela ingane eshone ngayo futhi bebengamazeli lutho olubi uyise wayo. Ngilubikile udaba enduneni engaphezulu kwami, savumelana ukuthi asidedele abomthetho balusebenze udaba,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuboshwe owesilisa ngecala lokubulala indodakazi yakhe eneminyaka ewu-8 ubudala.

Uthe ngokombiko wamaphoyisa, lona wesilisa uyishaye ngebhande indodakazi yakhe ngesikhathi eyifundisa onkamisa.

Uthe indodakazi yakhe ibe isithola imivimbo emzimbeni kanti kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...