Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zimkhalele owesilisa osolwa ngokubulala indodakazi (8) abeyifundisa onkamisa

Zimkhalele owesilisa osolwa ngokubulala indodakazi (8) abeyifundisa onkamisa

by | 22 July 2025

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi waseNgweni, KwaWosiyane, eNdwedwe ngesigameko sowesilisa osolwa ngokushaya abulale indodakazi yakhe eneminyaka ewu-8 eyifundisa onkamisa ngoLwesihlanu.

Ngokuthola kweLANGA, ingane yehlelwe yilokhu nje ibikade imvakashele uyise njengoba kuvalwe izikole, ibihlala nonina ePort Shepstone.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi uyise wengane ubehleli nayo ngoLwesine ntambama eyifundisa onkamisa, ihlukela ukubabiza kahle wadonsa ibhande wayishaya.

Kuthiwa uhlukane nengane isaphila ngoLwesine ngemuva kokuyishaya, wavuka ekuseni ngoLwesihlanu isishonile.

“Ngiyacabanga ukuthi uyishaye kanzima wanganaka ukuthi useyilimazile yahamba yayolala. Ucasulwe ukuthi ihlulwa ukubiza onkamisa,” Kusho omthombo.

UMnu Siyabonga Nzama oyinduna yakule ndawo uthe umbiko ufike ngoLwesihlanu kuyena ,etshelwa ngengane eshonile. Uthi ube eseshayela amaphoyisa ngoba umbiko ubuveza ukuthi ingane kuvukwe isishonile.

“Ngishayele amaphoyisa ucingo ngiwazisa ngalokhu. Abe esengicela ukuba ngibuyele emndenini ngibuze ukuthi ingane ibigula yini ngaphambi kokuba ishone. Ngibe sengimthinta uyise wengane ngifuna ukuthola kabanzi ngokwenzekile. Ungitshele ukuthi uyishayile ngayizolo, kodwa balale ingane iphila, wangitshela ukuthi angiwazise lokho amaphoyisa,” kusho uMnu Nzama.

Induna ithe lubathusile lolu daba indlela ingane eshone ngayo futhi bebengamazeli lutho olubi uyise wayo. Ngilubikile udaba enduneni engaphezulu kwami, savumelana ukuthi asidedele abomthetho balusebenze udaba,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuboshwe owesilisa ngecala lokubulala indodakazi yakhe eneminyaka ewu-8 ubudala.

Uthe ngokombiko wamaphoyisa, lona wesilisa uyishaye ngebhande indodakazi yakhe ngesikhathi eyifundisa onkamisa.

Uthe indodakazi yakhe ibe isithola imivimbo emzimbeni kanti kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...