Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Ziphume ngesamagundwane izintatheli zixoshwa yiSilo

Ziphume ngesamagundwane izintatheli zixoshwa yiSilo

by | 14 February 2025

INTATHELI YELANGA

ZIPHUME ngesamagundane izintatheli zeLANGA emcimbini wokushiswa kothi weSilo uMisuzulu kaZwelithini obusesigodlweni eMashobeni, KwaNongoma, ngoLwesithathu. Lo mcimbi wokushiswa kothi kusuke kungowokuqeda kokuzila kweSilo ngemuva koMkhosi wokweShwama.


INdlulamithi ivele yabhodla umlilo ngesikhathi ibona izintatheli zaleli phephandaba, yazikhaca ngenhlamba ikhuluma ngesiNgisi, ithi zibhala udoti ngayo.


IMbube iphume ngesango lesibaya elingenhla, kukhombisa ukuthi kukhona eyokuthatha endlini. Kuthe isendleleni ebheke kuleyo ndlu, yazithela phezu kwazintatheli, zimgade ngakhona ukuze zithwebule izithombe, okuyilapho kusuke khona isidumo yathi:
“Kangibafuni laba lapha ekhaya, babhala udoti ngami. Baxosheni! Kangibafuni ngempela,” isho ngolaka.


Ngaleso sikhathi iyalele abaqaphi bayo ukuba baye kuzona, bacishe konke obesekuqoshiwe. Nebala benze kanjalo onogada. Size sayongena endlini iSilo silokhu sibhonge njalo, kuzwakala ukuthi sithukuthele.
Izintatheli zaleli phephandaba zikhwice imisila zawushiya usaqhubeka umcimbi ngoba ukuphepha kwazo bekusengcupheni emuva kwenkulumo yeMbube.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...