
UYALE abaholi bamabandla ezenkolo ukuba bakhathalele ukuba nolwazi ngempilo yamakholwa abawaholayo ngaphandle kwezindlu zamasonto uMfu Sthembiso Zondo.
UZondo ube ethula inkulumo yosuku ngesikhathi kubanjwe isidlo sakusihlwa sabaholi bamabandla eGarden Court Hotel, enkabeni yedolobha iTheku, ngezithuba zakusihlwa ngoMgqibelo.
Lesi sidlo sihlelwe nguMnu Thulani Gwala ongumongameli wenhlangano yamabandla asezayoni iHlangana Zion. Lena yinhlangano eyasungulelwa ukugqugquzela ukuhlangana nokubambisana kumakholwa aleli bandla.
UZondo unxuse abaholi ukuba bashumayele ivangeli lokuganana nokuhlalisana okuhle emabandleni. Uthe ukuhlalisana okuokuthula kwababili ekhaya kwenza ibandla abakhonza kulona liphile impilo abayiphila ekhaya abaphuma kulona emuva kwalokho lithele izithelo ezinhle emphakathini eliwakhele.

Phakathi kwabanye abaholi abethule izinkulumo kubalwa noMnu Bhekani Mncube oyingwevu yomculo wamazayoni. UMncube unxuse abaholi ukuba bangawanyatheli amakhono ezobuciko okubalwa kubona nekhono lokucula.
“Abantu abasha bangakwazi ukuziphilisa bona nemindeni yabo ngezobuciko. Thina siculile ngezikhathi zethu futhi silutholile nodumo njengoba nanamuhla kusenjalo. Engifisa ukuqaphelisa ngakho abantu abasha wukuthi khona emculweni kuyaye kuhambe kube nezimo ezingezinhle ezidala ukuthi kugcine sekunokushayisana. Babodwa abadidwa wudumo bangabe besanaka okubalulekile maqondana nezimpilo zabo,” kuyala uMncube.
U-Archbishop Nathi Mdluli ohola Umuzi Ongcwele Ministry of Zion uthe okubalulelikile wukuthi ibandla liphumele emphakathini eliwakhele kube nokuthile elikwenzela umphakathi.
“Kubalulekile ukuthi abazalwane sibakhumbuze ukuthi akuwona umsebenzi wabo ukunakekela umelusi kodwa kungumsebenzi womelusi ukuthi anekekele izimvu aziholayo.
“Uma ungumholi kufanele uzihluphe ngokwazi ukukthi umzalwane ngamunye uphila kanjani ekhaya aphuma kulona. Izwi lenkosi llilodwa liwukulungiselela umphefumulo womuntu kodwa umzimba wona udinga ukondliwa,” kusho uMdluli.
UMnu Gwala utshele ILANGA ukuthi aseqaliwe amalungiselelo omcimbi omkhulu waminyaka yonke wokubungazwa ngezindondo kwabaholi bamabandla asezayoni ngookwahlukana kwawo.
Lo mcimbi wesekwa mngezimali wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal oholwa nguMfu Thulasizwe Buthelezi naye owathatha isinqumo sokuba yingxenye yamalungiselelo awo.







