Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ziyawushaya maduze kumsakazi woKhozi FM

Ziyawushaya maduze kumsakazi woKhozi FM

by | 12 May 2026

NGUMSAKAZI woKhozi FM, uBingelela Mpanza nomyeni wakhe, uMnu Siyabonga Dlamini, emcimbini welobolo nomembeso, obuKwaNongoma ngempelasonto.

ZIYAWUSHAYA maduzane kumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza. UBingelela osakaza uhlelo lukamaskandi ngeMigqibelo oKhozini FM, ulotsholwe waqedwa ngoMgqibelo, wambeswa, kwafakwa nendandatho yesethembiso somshado.

Lo mcimbi obuhlanganise imindeni yalezi zithandani ubukwaMpanza, kwaDabhasi, KwaNongoma. Ubelotsholwa ngusomabhizinisi uMnu Siyabonga Dlamini waseMondlo, eVryheid.

UBingelela utshele ILANGA ukuthi izingxoxo zosuku lomshado ziqaliwe. Uthe abakhongi bathe bacela ziwushaye kuNhlangulana (June) kuwona lo nyaka.

“Kuwona impela lo nyaka ziyawushaya ngoba abakhongi bafuna usuku oluseduzane,” kusho uBingelela.

Uthe sekunesikhathi eside bebambisene kwezothando noDlamini. Uthe baqale ukwazana ngokusizana kwezamabhizinisi, njengoba naye uBingelela esegxile kwamanye amabhizinisi ngaphandle komsakazo, futhi usizakala kakhulu kuwona, elekelelwa nguDlamini.

“Siyasebenzisana noDlamini, izinto zami eziningi eziseceleni, zimenenjwa nguyena. Eminyakeni edlule, ngiqale umcimbi womculo engiwenza ngakithi kwaNongoma minyaka yonke, umasingcwabisane wami esengiwuvulile, konke nguyena obheke engikwenzayo,” esho.

Uthi nakuba ebelufihlile uthando lwabo, kodwa bakhona abebenalo ulwazi. Uthe ubefihla sonke lesi sikhathi ngoba abanye abaxhasi bayagqoza ukuxhasa izinhlelo ezihlelwa ngabesifazane uma sebephumele obala ngezothando lwabo.

“Bengifihlile impela kodwa-ke kwazivelela ngoba bese kufike isikhathi,” esho.

Ucacise nokuthi belungekho uthando phakathi kwakhe nomculi kamaskandi uMayoghurt “iBliss” Jama. Uthi bebeqhuba umdlalo (content) wasezinkundleni zokuxhumana.

“Kuphelile manje ukudlala imidlalo yasezinkundleni zokuxhumana. Ebesikwenza neBliss, besidlala imidlalo eyenziwa ngabantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uBingelela.

Ezisematheni

IMadlanga ithwesa uKhan amacala obugebengu

IMadlanga ithwesa uKhan amacala obugebengu

IKHOMISHINI kaMadlanga isithathe isinqumo sokuthwesa amacala obugebengu, owayenguMajor General emaphoyiseni, uMnu  Faroz Khan  ngokuhluleka ukuzophendula kule khomisini njengoba ibimbekele izinsuku obekumele avele ngazo kuyo. Ukuthweswa kwakhe amacala kuza...

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

UMENGAMELI we-Action SA, uMnu Herman Mashaba uthi ayihlome ihlasele ngokhetho loHulumeni baseKhaya, njengoba ekhala ngokufa kwengqalasizinda yomphakathi athi bafuna ukuyivuselela komasipala uma benikwa ithuba. UMashaba ukusho lokhu ebethula umqulu wezethembiso...

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithwe yiNkantolo yoKhetho esimangalweni sawo, ukhala ngokuthi ukhetho lukahulumeni kazwelonke nezifundazwe lwango-2024 lwalungenabulungiswa, futhi lungakhululekile. I-MKP iye kule nkantolo ngezinsolo zokuthi kunobugebengu obenzeka...