Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UKhuzani umfanise nowesizwe unkosikazi wakhe

UKhuzani umfanise nowesizwe unkosikazi wakhe

by | 16 December 2025


UMFANISE nowesizwe unkosikazi wakhe umculi kamaskandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose egcagcelwa uNkz Nonduduzo Mathenjwa ngoMsombuluko eMandaba eNkandla.

Uthe ukuba ubeyinkosi yesizwe (uKhuzani), bekunguyena uKaMathenjwa obezomzalela inkosi. Ukusho lokhu ebabaza ukwesekwa ngabantu ngeminikelo kulo mshado. Uthi zingaphezulu kuka-40 izinkomo ezifikile ekhaya kwaMpungose.
“Izindleko eziningi zomshado ngisekwe ngabantu abangiphe izipho. Ngiyayiqala into enjena. Ngiyabonga kakhulu kubona bonke abalule isandla,” kusho uKhuzani.


Ngakolunye uhlangothi uNkk Nonduduzo uKaMathenjwa Mpungose uthe usazoqhubeka nokuphila impilo eyimfihlo. Uthe ukubonakala kwakhe emphakathini njengoba esegcagcile, akuchazi ukuthi usezobonakala emphakathini ewuvanzi. Uveze ukuthi nezinkundla zokuxhumana, usazozigwema. “Lokhu obekuhlupha abantu ngokungabonakali kwami, kusazoqhubeka,” esho.
Kulokho uKhuzani, uthe akukho okushintshile ngaye ngoba eseshadelwe. Uthi ufike esinqumweni sokushada unkosikazi wakhe ngenxa yokuthi uyasiqonda isimo somsebenzi wakhe wokuthandwa ngabantu ngokuthi ungumculi.
“Umsebenzi esiwenzayo usayigcaluzisa kakhulu. Kwesinye isikhathi amaholidi kaZibandlela aphela ngingakaze ngihlale ekhaya, kodwa konke lokho uyakuhlonipha ngoba uyawazi umsebenzi wami engiphila ngawo,” esho.

JOHN HLONGWA/ILANGA


Lo mgcagco uhanjelwe osomabhizinisi abaningi. OwayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, ubeyingxenye yawo. Ngaphambi kokuba kugcagcwe, kuqale ibandla lamaNazaretha lenza usiko lwawo esigcawini okuhlanganisa ukukhulekelwa kwaso.

JOHN HLONGWA


Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...