Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzoncishiswa isibalo sabagcinwa esikhungweni sokulindela ukubuyiselwa emazweni abo

Kuzoncishiswa isibalo sabagcinwa esikhungweni sokulindela ukubuyiselwa emazweni abo

by | 27 July 2026

UHULUMENI waseNingizimu Afrika, uthi uzokwehlisa isibalo sabokufika abafisa ukubuyela emazweni abo, abagcinwe endaweni yesikhashana eMusina, eLimpopo. Lokhu kuvezwe nguSihlalo wekomidi lesikhashana elibhekelele abokufika, onguNgqongqoshe wezoBulungiswa, uNkz Mammoloko Kubayi (osesithombeni), ngesikhathi leli komidi lethula umbiko ngolwabokufika.

Leli komidi lihlanganise oNgqo- ngqoshe owoBudlelwano naMazwe omhlaba, uMnu Ronald Lamola, owamaPhoyisa obambile, uMnu Firoz Cachalia, nowoMnyango wezaseKhaya, uDkt Leon Schriber. UNkz Kubayi uthi bathathe isinqumo sokwehlisa isibalo sabokufika abagcinwe kule ndawo, siyoba wu-1 500.

“Kusuka ngomhla ka1 kuNcwaba (August), sizokwehlisa isibalo sabokufika abafisa ukubuyela emazweni abo. Sizosuka ku-20 000 siye ku-1 500. Lokhu sikwenza ngoba sibuke indlela esisebenza ngayo, sabona ukuthi kumele sisehlise. Sihlangane noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, sahlonza izindawo komasipala eziyosetshenziswa ngabokufika abafuna ukubuyela emazweni abo. Ngesikhathi sisagcine abaningi laphaya, uhulumeni kawukaze ukhiphe imali yezindleko zokugcinwa kwabo. Inkampani iMTN inikele ngo-R15 million; siyayibonga kakhulu ngalokho,” esho.

Uthe bebesizwa nayizinhlangano ezingayenzi insuzo. Selokhu luqalile lolu hlelo ngenyanga edlule, sebehambise abokufika abacela ku-70 000.
“Kusuka ngomhla ka-14 kuNhlangulana (June), ngesikhathi abokufika baseMalawi beyoqhinqa eSherwood, eThekwini, kuze kuyoba wumhla ka-24 kwephezulu, sekuhambe abokufika abawu-68 138. Labo, yilaba abahamba ngamabhasi asebegcinwe eLimpopo. Imibiko iveza ukuthi bawu-72 906 abazihambele, besebenzisa ama- bhanoyi. Amazwe ahamba phambili yiMalawi, yiZimbabwe neMozambique,” esho.

UNgqongqoshe uLamola ukuqi- nisekisile ukuthi ubudlelwano belakuleli namazwe ase-Afrika kabonakele ngenxa yemikhankaso yezishoshovu zakuleli, yokuxosha abokufika abangenawo amaphepha okuba kuleli.

“Izwe ebelibukeka liyinkinga ngokusabalalisa okungelona iqiniso ngodaba lwabokufika abakuleli, bekuyiGhana. Sihlalile nobuholi bakhona, savumelana ngokuthi ubudlelwano bethu ngeke bupha- zamiseke. Sibachazelile ukuthi njengezwe kumele siqinisekise ukuthi yonke imithetho ethinta abokufika, iya- landelwa. Sivumelene ngokuthi abukho ubutha phakathi kwethu,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...