
IKHULUME yajula ichaza ngosizi lwezimo ezigcina ziholela ekuthathweni kwezinqumo ezingehli kahle kumalungu omphakathi nabamangali bamacala amanye awo abucayi iMantshi yeNkantolo yesiFunda eNkandla.
UMnu Norman Nkosi ubekhuluma nezethameli enkantolo kulandela ukuhlehliswa kwecala likaMnu Siboniso Dlomo (29) onguthisha wezibalo eBizimali High School oyamaniswa necala lokunukubeza ngokocansi itshitshi elaliphuma eMkhosini woMhlanga. Ukuhlehliswa kwecala likaDlomo kwenzeke emuva kokuba ummeli wakhe uMnu Muller evuke indlobane ethi akumiswe ukusebenza kwale nkantolo ngoba kayinazo izinsiza-kusebenza ezibalulekile.
Ngaphambi kokuba lingene leli cala landulelwe ngamanye amacala amabili okunukubezwa ngokocansi kwamantombazanyane. Lamacala angene ngokulandelana. Kuwona womabili lamacala imantshi ikhiphe isinqumo sokuthi ayahoxiswa ohlwini lwamacala aqulwayo kule nkantolo ngenxa yokungabi bikho kwezinto ezibalulekile.
“Ngesizathu sokuthi imishini yokuqopha kayisebenzi futhi leli cala selihlehliswe izikhawu eziningana ngoba imishini nomabonakude oyaye usentshenziswe uma kulalelwa ubufakazi besisulu esisuke sineminyaka engaphansi kwaleyo evumeleke ukuba singangena ebhokisini lofakazi, nawo kawusebenzi. Inkantolo iyakunika igunya lokuba ungaya kunoma ngabe yisiphi isifundazwe kuleli kodwa uma kwenzeka liphinde livuka icala udingeka enkantolo kufanele utholakale kungenjalo kuzophuma incwadi egunyaza ukuba uboshwe,” kusho imantshi.
Kwesinye salezi zinqumo ufakazi okuvele ukuthi ungunina wesisulu wehlulekile ukuzibamba waguqa phansi wakhala. Ummeli kaDlomo uthe kuningi okufanele kulungiswe kule nkantolo. “Ngikhuluma nje kumanje siqale ukusebenza emuva kwesikhathi ngoba silinde utolika obeyozikhulula emtholampilo ongumakhelwane wenkantolo. Ngisho amanzi kawekho. Lokhu kuhambisana nokungahlonishwa kwamalungelo omphakathi,” esho.
UNkosi uthe ziningi izincwadi ezibhalwe yiziphathimandla zenkantolo kodwa lutho ukuthola izimpendulo. Ekhuluma neLANGA uthe udaba uzolubika emakhosini ezizwe zaseNkandla namaphethelo. “Kunabantu abayaye basuke eMakhabeleni bezokwethamela amacala lapha eNkandla. Esikhathini esedlule bekuyaye kudingeke ukuthi baye KwaNongoma kwavulwa le nkantolo ngoba kusondezelwa abantu okumanje kazikho izinsiza. Kubuhlungu lokhu ngoba abantu bafika emini ngo-2 emini bafuna ukubuyela emuva ngoba izimoto ziyaphela. Ziningi izincwadi sizibhala. kodwa zingaphendulwa. Kumanje ngithathe isinqumo sokuba udaba ngilubike emakhosini nakuMnu Thami Ntuli ongundunankulu wesifundazwe.
UNtuli uyena enginethemba lokuthi uzolusukumela lolu daba. Nanamuhla ngizoxhumana nomphathi wethu uShandu eShowe kanye noMnu Pat Moodley oseThekwini ngibabikele ngezinqumo esifinyelele kuzona ngoba akusizi ukugcina umuntu iminyaka ezitokisini kodwa icala lingaqulwa,” kuphetha uNkosi.







