
AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa.
Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza iziphathimandla emaphoyiseni, zibafune imali yokubafaka emsebenzini.
Kubikwa ukuthi esigamekweni sangamuva, kukhona ezibiza ngoCaptain Nzima, oqola abantu ngokuthi bathumele imali ukuze abafake emsebenzini.
Esitatimendeni, amaphoyisa aveze ukuthi uhlelo lokuqasha kulo mbutho, kaludungi inkokhelo. Kube sekucelwa amalungu omphakathi ukuba asebenzise izihlaka ezifanele uma efaka izicelo zomsebenzi, aphinde aqaphele noma ngabe ngubani osuke efuna imali ngalokhu.
Aphinde acela ukuba umphakathi uye eziteshini eziseduzane ukuqinisekisa ubuqotho bezikhangiso zomsebenzi ezisuke zikhishiwe emaphoyiseni. Kucelwe noma ngabe ngubani obona lukhu kwenzeka ukuba axhumane namaphoyisa bese ewanikeza nenombolo yalowo osuke esolakala ukuthi wenza lo mkhuba.







