Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

by | 4 September 2026

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa.

Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza iziphathimandla emaphoyiseni, zibafune imali yokubafaka emsebenzini.

Kubikwa ukuthi esigamekweni sangamuva, kukhona ezibiza ngoCaptain Nzima, oqola abantu ngokuthi bathumele imali ukuze abafake emsebenzini.

Esitatimendeni, amaphoyisa aveze ukuthi uhlelo lokuqasha kulo mbutho, kaludungi inkokhelo. Kube sekucelwa amalungu omphakathi ukuba asebenzise izihlaka ezifanele uma efaka izicelo zomsebenzi, aphinde aqaphele noma ngabe ngubani osuke efuna imali ngalokhu.

Aphinde acela ukuba umphakathi uye eziteshini eziseduzane ukuqinisekisa ubuqotho bezikhangiso zomsebenzi ezisuke zikhishiwe emaphoyiseni. Kucelwe noma ngabe ngubani obona lukhu kwenzeka ukuba axhumane namaphoyisa bese ewanikeza nenombolo yalowo osuke esolakala ukuthi wenza lo mkhuba.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...