Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 URamaphosa uthi i-ANC isazoliphatha yodwa izwe

URamaphosa uthi i-ANC isazoliphatha yodwa izwe

by | 11 January 2025

UMENGAMELI we-ANC uMnu Cyril Ramaphosa uthi iqembu lakhe linethemba lokubuyela emandleni, liphathe izwe lodwa, okwethweni oluzayo, njengoba ekholwa wukuthi abantu sebebuyelwa wukulethemba.

Uthi akakhathazekile ngabantu abahlubukayo kwi-ANC, basungule noma bajoyine amanye amaqembu, kabasoze bawunqinda amandla uKhongolose.

URamaphosa ukusho lokhu ethula inkulumo eKhayelitsha, eKapa, lapho leli qembu lihlangene khona ukuguba iminyaka ewu-113 lasungulwa.

“Bacabanga ukuthi bazoyiqeda amandla i-ANC. Kabasoze bayiqumba phansi i-ANC. Amanye alawa maqembu aziveza njengabantu abeza noshintsho, kodwa ukukhuluma kwabo kakukufihli ukuthi bamelene noguquko, bazicabangela bona,” esho.

Ukhuluma kanjena nje, iqembu iMK Party elisungulwe ngowayengumengameli we-ANC uMnu Jacob Zuma, lidle inqwaba yamavoti e-ANC okwethweni lwangonyaka odlule, okugcine ngokuthi isebenzisane namanye amaqembu ukuphatha izwe.

URamaphosa uthe ziningi izizathu ezilahlekisele iqembu lakhe ngamavoti, wabalula ukwehluleka kukahulumeni ukuhambisa izidingo kubantu, nezinkinga zangaphakathi eqenjini, njengokuba ntekenteke kwamagatsha.

Uthe i-ANC iyazethemba ukubuyela emandleni. Uthe okwamanje iqembu lakhe lizoqhubeka nokusebenzisana namaqembu awumbimbi lweGNU, ngisho lawo ababuye babe nokungaboni ngaso linye nawo.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...