Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 URamaphosa uthi i-ANC isazoliphatha yodwa izwe

URamaphosa uthi i-ANC isazoliphatha yodwa izwe

by | 11 January 2025

UMENGAMELI we-ANC uMnu Cyril Ramaphosa uthi iqembu lakhe linethemba lokubuyela emandleni, liphathe izwe lodwa, okwethweni oluzayo, njengoba ekholwa wukuthi abantu sebebuyelwa wukulethemba.

Uthi akakhathazekile ngabantu abahlubukayo kwi-ANC, basungule noma bajoyine amanye amaqembu, kabasoze bawunqinda amandla uKhongolose.

URamaphosa ukusho lokhu ethula inkulumo eKhayelitsha, eKapa, lapho leli qembu lihlangene khona ukuguba iminyaka ewu-113 lasungulwa.

“Bacabanga ukuthi bazoyiqeda amandla i-ANC. Kabasoze bayiqumba phansi i-ANC. Amanye alawa maqembu aziveza njengabantu abeza noshintsho, kodwa ukukhuluma kwabo kakukufihli ukuthi bamelene noguquko, bazicabangela bona,” esho.

Ukhuluma kanjena nje, iqembu iMK Party elisungulwe ngowayengumengameli we-ANC uMnu Jacob Zuma, lidle inqwaba yamavoti e-ANC okwethweni lwangonyaka odlule, okugcine ngokuthi isebenzisane namanye amaqembu ukuphatha izwe.

URamaphosa uthe ziningi izizathu ezilahlekisele iqembu lakhe ngamavoti, wabalula ukwehluleka kukahulumeni ukuhambisa izidingo kubantu, nezinkinga zangaphakathi eqenjini, njengokuba ntekenteke kwamagatsha.

Uthe i-ANC iyazethemba ukubuyela emandleni. Uthe okwamanje iqembu lakhe lizoqhubeka nokusebenzisana namaqembu awumbimbi lweGNU, ngisho lawo ababuye babe nokungaboni ngaso linye nawo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...