Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Udokotela ugqugquzela ukusondelana nabathandiweyo

Udokotela ugqugquzela ukusondelana nabathandiweyo

by | 29 November 2024

THANDI ZONDI

UDOKOTELA wezengqondo ugcizelela ukubaluleka kokuxhumana nokusondelana nabathandiweyo ukubabuza ngesimo sabo sempilo, lokhu kungenziwa kuphela ngoba nakhu umuntu esegula.
Lapha uDkt Manqoba Myeni ubekhuthaza lokhu njengoba ngoLwesibili (mhla ka-10 kuMandulo – September) bekuyiWorld Suicide Prevention Day, lapho kusuke kuqwashiswa khona ngabantu abazibulalayo. Kubikwa ukuthi iNingizimu Afrika ingunombolo 10 ohlwini lwamazwe anesibalo esiphezulu sabantu abazibulalayo. Esibalweni sabantu abawu-13 774 abazibulalayo eNingizimu Afrika, abawu-10 861 ngamadoda, kuthi abawu-2 913 kube ngabesifazane ngokombiko okhishwe yiSouth African Society of Psychiatrists.

Kakubona bonke abamemezelayo uma bezozibulala

UDkt Myeni ungudokotela ogxile kakhulu kwizigulo zengqondo kanti usebenzela eDurdoc Center, eThekwini. Uthi ukuzibulala kwabaningi kusuke kuwuphawu lwezigulo zengqondo, kusuke kunokuphazamiseka okuthile emqondweni.
“Kuba nezimpawu lapho othola khona ukuthi umuntu uyashintsha, athande ukuba yedwa, angakhulumi. Omunye asho ukuthi uzozibulala. Nokho lokho kakusho ukuthi yibo bonke abantu abazibulalayo abamemezelayo uma sebefuna ukuqeda ngempilo yabo,” echaza.

Kungagwemeka ukuzibulala

Uthi ukuzibulala kuyinto egwemekayo kodwa lokho kakusho ukuthi wonke umuntu anganqandeka. “Omunye ungamenzela konke, aye esibhedlela, athole ukwelulekwa ngama-psychologist, athole nemithi yokumelapha kodwa ekugcineni azibulale. Lokho kusho ukuthi kakusiye wonke umuntu ongamvimba.
“Kanti abanye bona basuke bengahlosile ukuzibulala kepha kuyindlela yokutshengisa ukuthi badinga usizo. Isibonelo, mhlawumbe omunye angasebenzisa into engenabo ubungozi kakhulu – lokho kukutshengisa ukuthi ufuna usizo,” kuchaza uDkt Myeni.

Kakufanele umuntu ayekelelwe esebunzimeni

UDkt Myeni uthi into eyenza isibalo samadoda azibulalayo aphumelele yingoba asebenzisa izindlela eziyingozi okungaba wukuzithanqaza ebhilidini, ukuzidubula nokunye. “Abesilisa kabafuni ukukhuluma, bayenqena ukufuna usizo,” esho.
Uthi kubalulekile ukuba abantu bahlale njalo ngokuxhumana futhi besekane nabasondelene nabo.
“Kumele sisondelane nabantu esibathandayo ukuze sibone lapho sekunoshintsho kubona. Sibuzane impilo, thina abamnyama kasejwayele ukwenza lokho – sibuza umuntu uma egula kuphela. Umuntu kakumele ayekelelwe uma ebhekene nobunzima, kumele nilandelele.

Kumqoka ukuthola usizo kusenesikhathi

Ezinye izinhlanga ziyabuzana ukuthi sihamba kanjani isimo sempilo, zibuzane nangokomoya ukuthi kungabe konke kuhamba kahle yini,” esho. Ukhuthaza ukucelwa kosizo uma umuntu ezizwa enomzwangedwa kakhulu, ohambisana nengcindezi.
“Singabantu kumele sazi ukuthi kakuyona into embi ukufuna usizo, kawuyi kwi-psychologist ngoba ugula ngengqondo. Ukushesha usukume uthole usizo, kungagwema izinkinga eziningi. Uma kusukunywe kusenesikhathi kungagwemeka nokuthi uze ufike ko-depression, inkinga itholelwe isixazululo isaqala,” kuphetha uDkt Myeni.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...