Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuchanasa amaphela esibhedlela sikahulumeni saseKZN

Kuchanasa amaphela esibhedlela sikahulumeni saseKZN

by | 18 February 2025

ZITHWELE kanzima iziguli nabasebenzi besibhedlela sikahulumeni iNkonjeni, oLundi ngenxa yenkinga yamaphela okubikwa ukuthi agcaluza imini nobusuku ematafuleni nasemashalofini okugcinwa kuwona izinto ezibalulekile zeziguli.

ILANGA lithunyelelwe imiyalezo nezithombe-mnyakazo ezikhombisa amaphela angena ephuma ezitsheni zokudla kweziguli. Leli phephandaba likhulume nengxenye yamalungu omphakathi azwakalise ukuthi akulona udaba olwethusayo lolu ngoba kudala kwaziwa ukuthi le nkinga ikhona kulesi sibhedlela. Umthombo waleli phephandaba ulitshele ukuthi bake bazama ukuxhumana neziphathimandla zesibhedlela ezabatshela ukuthi nazo ziyalubika usizi olubhekene neziguli nezisebenzi kulesi sibhedlela kodwa lungalungiswa ngaphandle kokubekwa kwezizathu ezizwakalayo.

Phakathi kwabanye abaholi bomphakathi abakhulume naleli phephandaba maqondana nale nkinga uMnu Siphamandla Ntombela ongumholi we-NFP ngaphansi kwesiFunda iZululand. UNtombela uthe inkinga enkulu kakhulu idalwa wubuncane besibalo sezisebenzi eziqashelwe ukuhlanza isibhedlela.


“Siyi-NFP siphakamisa ukuthi uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke ukuba azifikele yena ngokwakhe lapha esibhedlela ukuze ezobona usizi olubhekene neziguli. Kusanda kufakwa imali enkulu kulungiswa isakhiwo salesi sibhedlela kodwa kuyathusa okwenzeka kusona. Indlela okwenzeka ngayo izinto yenza ukuthi lesi sibhedlela sibukeke njengemoshali okuyindawo okuthi umuntu uma engeniswe khona engaphinde aphume ephila. Ungqongqoshe kufanele ezobheka indaba yamathenda ngoba kunenkohlakalo yokwabiwa kwawo amathenda ngoba kukhishwa ithenda maqede kubhalwe ukuthi kusebenza abantu abangamashumi amathathu kanti kusebenza abayisihlanu kuphela,” kusho uNtombela.


UMnu Zwakele Mncwango we-Action SA uthe kalwethusi lolu daba ngoba kudala kukhalwa ngalo. “Akungethusanga ngikuzwa lokhu. Izibhedlela zomphakathi kazinakiwe. Inkinga ekhona wukuthi abahola umphakathi bayaphika. Nawo lamaphela bazowaphika. Ngisho emzini wakho iphela kawulithandi. Sibuhlungu lesi simo esenzekayo. Lokhu kungezinye zezinto ezikhombisa ukuthi kazinakiwe kangakanani izibhedlela zasemakhaya,” esho.


ILANGA lizame kaningi ukuxhumana nabakhulumela uMnyango wezeMpilo esiFundazweni kodwa kwangalunga. Belukhala lungabanjwa ucingo lukaMnu Agiza Hlongwane kanye nolukaMnu Ntokozo Maphisa. Kabayiphendulanga nemiyalezo abathunyelelwe yona ku-WhatsApp, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...