Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kusolwa abazali ngokugxambukela emibangweni yezikhundla zothisha

Kusolwa abazali ngokugxambukela emibangweni yezikhundla zothisha

by | 28 March 2025

KUSOLWA abazali ngokugxambukela ngokweqile embangweni wezikhundla zokuqashwa kothisha ezikoleni. Abazali basolwa yiSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal ngokuthi babuye baxove izinto.

UNobhala wale nyunyana uNkz Nomarashiya Caluza uthi kunezigungu zezikole eziphula imithetho yomqashi (uMnyango wezeMfundo) bese kuba nemibango yezikhundla ephetha ngokudutshulwa kothisha.
Uphawule ngalokhu kuleli phephandaba njengoba kubhokile ukudutshulwa kothisha njengoba kuyisikhathi sokugcwalisa kwezikhundla eziphezulu ezikoleni.


“Sixakwe ngabazali emubangweni wezikhundla ezikoleni. Yibona abazosibulalela izikole,” kusho uNkz Caluza.
Uthi ezinkingeni ezikhona kwezinye izikole, kuputshuka izinkulumo zamatulo ezigungu zezikole, zihlela ukuthi amaphuzu azokwabiwa kanjani kwabahlonzelwe inhlolokho kulezo zikhundla. Uthi lokhu kudala uhlevane emphakathini okwenza lungabi bikho uzinzo ezikoleni.


“Kuyamangaza nokubona abazali bebhikisha bevala isikole ngoba bethi abamfuni uthisha othile esikoleni ekubeni elethwe wuMnyango wezeMfundo. Abanye abazali bavuma ukusetshenziswa kuliwa izimpi zangaphakathi ezikoleni. Siyakugxeka kakhulu lokho ngoba abazali yibona abazosibulalela izikole,” kusho uNkz Caluza.


Uthi enye inkinga edalwa ngabazali ezikoleni ngeyokuthi bafuna kusebenze abantu bendawo. Utshele leli phephandaba ukuthi awukho umthetho onjalo eMnyangweni wezeMfundo. Uveze ukuthi kufanele ihlonishwe imthetho ebekwe wuhulumeni ukuze kungabi bikho izinkinga eziholela ekubulaweni kothisha.


“Le nkinga yenzeka nasohlelweni lokuthuthwa kothisha ezikoleni zabo, behanjiswa kwezinye izikole uma kunciphe isibalo sabantwana kulezo zikole ebekade befundisa kuzona ngaphansi kohlelo lwePost Provison Norm (PPN). Abazali badala uqhekeko bethi abamfuni uthisha omusha olethwa esikoleni ekubeni bengamazi nokumazi. Banesandla abazali ezinkingeni eziningi ezikoleni,” esho.


Utshele ILANGA ukuthi ezigamekweni eziningi zokufa kothisha bedutshulwa, kusuke kuyizinkinga zabo zasemphakathini bese bebulawela ezikoleni. Uthi izelelesi zisebenzisa kakhulu ithuba ngesikhathi kunezikhundla zemisebenzi ezivulekile ezikoleni ukuze kuzosolwa imibango yangaphakathi.


Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi izigungu zezikole kufanele ziqinisekise ukuthi azikho izinxushunxushu ezikoleni.


“Amatulo ahlelwa ngezikhundla, akukho emthethweni lokho. Yingakho izigungu siziphuca amandla uma sesithole ukuthi kunezinxushunxushu bese uhlelo lokuqasha lusingathwe wumnyango,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...