
KUHLOMULE kakhulu abafundi abafunde eBizimali High School umatikuletsheni emcimbini wokuklonyeliswa kweziqengqe eziwu-10 ezibashaye bonke abafundi baseNkandla kwimimphumela yanyake.
Kulo mcimbi bekunikezwa imfundaze yokubhalisa emanyuvesi kubafundi bakule ndawo abawu-96.
Ophume phambili kwabawu-10, uBanele Zuma (Bizimali High School, alandelwe uCebolethu Ngidi (Bizimali High School), uThandolungaka Xulu (Bizimali High School), uNzuzo Mbatha (Ngono SS), u-Olwethu Thusini (Bizimali High School), uBhekabona Nzuza (Ngono SS), u-Aphile Hlongwane (Bizimali High School), uThembisa Biyela ( Velangaye High School), u-Amahle Masondo ( Mphemba High School), uBongokuhle Mthembu (Bizimali High) kanti isikole siphinde sahlonyuliswa ngo-R20 000 wokuqhwakela phezulu ngokhiqiza ikhwalithi okungamaBachelor awu-300, kwalandela iVelangaye High ehlomule u-R15 000 ngokukhiqiza awu-259 kwagcina iLushaba High ngomhlomulo ka-R10 000 ngamaBachelor awu-81.
IBizimali High ihlomule nangokuhamba phambili kwisekethe yaseGodide ezikoleni ezingaphansi kwayo, kanti eNkandla jikelele , iNkosi uSishakuza High ikhale yomuka nomklomelo wemali engango-R25 000 ngokuba yisikole esenze kahle esithole u-100%.
Kuphinde kwahlonishwa uthisha ohambe phambili kwiMaths ovela eMagqama High School. Imeya ebambile kumasipala waseNkandla uNkk Nonhlanhla Nzuza, uthe bayibeka phambili intsha ezinhlelweni zikamasipala.
“Imfundo ihamba phambili emkhandlwini waseNkandla, yingakho siqinisekisa ukuthi abantwana siyababekela inkece yokuyobhalisa emanyuvesi,” esho.
Uveze ukuthi basebenzise imali engango-R600 000 kulolu hlelo lwemimfundaze.
Kubafundi abathathu abenze kahle kakhulu bonke abavele eBizimali, banikezwe nama-IPhone.
Abafundi abawu-10, bathole ama-Laptop, izitifiketi, nezinkomishi.
Izikole nazo azisalanga ngaphandle ngokubongwa ngemihlomulo.
Mthobisis@ilanganews.co.za







