
IQOKE ukugubha usuku lomama nezaguga inkampani yokugcwaba iCebolethu. Le nkampani beyihambele endaweni yaseBruntville, Mooi River lapho ebeyihlele khona umcimbi wokugubha usuku lo mama nezaguga zendawo. Kulo mcimbi iCebolethu lihloniphe lezi zaguga ebeziphezu kuka-100 ngegilosa yenyanga yonke, izingubo zokulala nokunye okuningi.
Libe selihlonipha ezimbili uNkk Yalekile Buthelezi (101) noNkk Bongekile Mzila (105) okuyizo ezindala kunazo zonke izaguga zakule ndawo, baphinde babapha izihlalo ezinamasondo. Ekhuluma naleli phephandaba uDkt Nomfundo Mcoyi-Zondo, ongumsunguli weCebolethu, uthi ukugubha usuku lo mama ngalendlela kuyingxenye yokuhlonipha nokukhumbula iqhaza abalibamba emphakathini.
“Sikubone kufanele ukuthi inyanga yomama siyigubhe nemiphakathi esisebenzela kuyo. Lokhu sikwenza ngenhloso yokukhumbuza omama ukuthi babaluleke kangaka nani emiphakathini. Phezu kwalokhu sizodlulisa nje ukubonga ngokwesekwa esikuthola kulo mphakathi. Sikhuluma nje lapha eMooi River saqala ukusebenza ngo-2016, ukwesekwa kwethu yilo mphakathi kukhula mihla yonke njengoba sisazebenza namanje, bekubalulekile ke ukuthi siwubonge umphakathi wakule ndawo, ngabe wukuthi siqoqa kuwo nyanga zonke nje,” esho.
Eqhuba uthi loluhlelo luzodlulela nakwenzinye izingxenye zesifundazwe. Ekhuluma naleli phephandaba uNkk Buthelezi, uzwakalise ukujabula ngokuhlonishwa kwakhe.
“Ngidlulisa okukhulu ukubonga kulabantwana beCebolethu ngokusenzela into enhle kangaka. Eminyakeni yami esengiyiphilile, engingasazi nokuthi mingaki ngiyaqala ukwenzelwa into enhle kangaka,” esho.
UNkk Mzila naye ubonge icebolethu, wehluleka wukukhuluma emuva kwalokho. Ezinye izaguga ebeziyingxenye yalo mcimbi bonge ukukhunjulwa nokumenywa ekubeni yingxenye yomcimbi.







